Kusaqaqamba izinhliziyo kwabeChiefs ngeMTN8, kusho uChivaviro
Nakuba bazi ukuthi kufanele badlulele phambili ngokushesha bakhohlwe ukuthi bakhishwe kanjani kwiMTN8, umgadli weKaizer Chiefs, uRanga Chivaviro, uvumile ukuthi kusaqaqamba izinhliziyo uma becabanga ngokwabehlela.
IChiefs yakhishwa yiMamelodi Sundowns kulo mqhudelwano. Kodwa emlenzeni wesibili wemidlalo eyandulela owamanqamu, unompempe uLuxolo Badi wenza amaphutha ayilimala iChiefs.
Elunye lalawo maphutha ancisha iChiefs ithuba lokudlulela kowamanqamu wukuphika iphenathi ngesikhathi umdlali wayo ewiswa engaphakathi ebhokisini leSundowns.
Ngemuva kokubuyekezwa, kutholakale ukuthi uBadi wenza iphutha ngokuphika le phenathi futhi usemisiwe, wafakwa nasohlelweni lokuhlunyeleliswa kwezimilo. Kusale kuqaqamba izinhliziyo kwabeChiefs.
“Ukukhuluma iqiniso nje, kubuhlungu… Kusebuhlungu. Kodwa iqiniso wukuthi kumele siqhubekele phambili,” kutsho uChivaviro ngoMsombuluko.
Lo mgadli ubekhuluma nabezindaba ngaphambi komdlalo weDStv Premiership la iChiefs izobhekana khona neCape Town City ozokuba seFNB Stadium ngoLwesibili kusihlwa.
“Kumele siqhubeke, akukho esingakwenza ngakho. Ukube bekukhona ebesingakwenza, besiyobuyela emuva siyolungisa iphutha – kodwa ngeke sikwazi.
“Ngakho kufanele sikuthathe njengabadlali bezinga elikhokhelayo, bese siqhubekela phambili.
“Kodwa okuliqiniso esingeke silibalekele wukuthi kubuhlungu futhi salimala impela,” kusho uChivaviro. Uthe ibavimbele ithuba lokuqeda isomiso sezindebe seqembu.
“Besifuna ukunika abalandeli okuthile, besifuna ukubeka iqembu ethubeni lokuwina indebe. Kodwa ngeshwa, akwenzekanga. Ngakho, siyaqhubeka, sibheka phambili.”
IChiefs izophinde ibe nethuba lokunqoba indebe uma seyidlala kwiCarlng Black Label Knockout ezoqala ngoNovemba.
FUNDA NALA: IChiefs yethule ibhizinisi elisha esingene kulo, izodayisa ama-chips
ISundowns yona izobhekana ne-Orlando Pirates kowamanqamu kwiMTN8 eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo kusihlwa.