EzakamuvaIbhola

Isicentiwe indlela ebheke e-USA kuMailula weSundowns 

Sihle Ngubo

UCassius Mailula ubukeka ezoyishiya nakanjani iMamelodi Sundowns ngaphambi kokuthi kuqale isizini entsha.

Lo mdlali, oshaye into ecokeme kuBafana Ba-Style neBafana Bafana ngesizini edlule, uyinyama emaqenjini ehlukene. 

Ngokombiko weSABC Sport iqembu eligijima kwiMajor League SSoccer, iToronto FC, selibeke u-R30 million etafuleni ngenhloso yokusayinisa lo mdlali.

Kuvela ukuthi uMailula uzohlolwa yileli qembu lase-USA futhi kubhekeke ukuthi asayine kuleli qembu nakanjani bese ashone khona eMelika. 

Abanye abadlali bakuleli abagila izimanga e-USA oNjabulo Blom, obedlalela iKaizer Chiefs noBongokuhle Hlongwane obekwiMaritzburg United. 

UBlom noHlongwane kuthiwa sebehlonishwa kakhulu e-USA njengoba bedlala ibhola elinenkosi phakathi.

No-Olwethu Makhanya obekwiStellenbosch FC ngesizini edlule usezogijima kule ligi njengoba esayinwe yiPhilledelphia FC yakhona e-USA. 

Kuke kwavela nokuthi uRonwen Williams ongunozinti weSundowns kukhona iqembu lakhona e-USA elimfunayo. 

Kuyacaca ukuthi amaqembu aseNingizimu Afrika asazoyakha imali edayisela amaqembu eMSL abadlali. 

FUNDA NALA: IChippa seyiqhamuke nendlela entsha yokufesa kwabadlali

Kubukeka sengathi ukudlala kahle kukaBlom noHlongwane kuhlahlelele abanye indlela yokuyogijima kule ligi osekudlala kuyo noLionel Messi.