Eminye imidlaloIbhola

Ligcine ligqashukile igoda kuBartlett neSpurs, kade yashiphelana

ICape Town Spurs edonsa kanzima ixoshe umqeqeshi uShaun Bartlett ngoMsombuluko ngemuva kokuhluleka ukuwina imidlalo eyisikhombisa yokuqala yeDStv Premiership.

Esitatimendeni, ikilabhu ithe yize iwubonga umsebenzi kaBartlett, bekumele ifinyelele esinqumeni sokumkhulula.

“Ngemuva kokubuyekezwa okubanzi nezingxoxo noShaun Bartlett nokubheka imiphumela yamanje, sivumelene ngokunqanyulwa kwenkontileka yomqeqeshi ngokushesha. 

“Iqembu lifisa ukudlulisa ukubonga kwethu ngomsebenzi kaShaun ngesikhathi eseqenjini ikakhulukazi wokukhuphula iqembu ukuthi libuyele kuPSL. 

“Siyabona ukuthi lesi akusona isinqumo esilula kuwo wonke othintekayo kuso, kodwa sithathwe ngokubeka iqembu phambili nokubheka ikusasa lalo,” isho kanje iSpurs esitatimendeni. 

Ngaphezu kwalokho, ikilabhu ibonge uBartlett ngomsebenzi wakhe neqembu, njengoba ephethe iqembu laseKapa kusukela ngo-2022.

“Wonke umuntu kwiCape Town Spurs ufisela uShaun Bartlett konke okuhle emsebenzini wakhe wokuqeqesha. 

“Isikhulu esiphezulu u-Alexi Efstathiou nomqondisi wezokuqeqesha uSean Connor sebeqalile ukuhlela kabusha ithimba labaqeqeshi. 

“Uhlu lwalabo okuzokhethwa kubo umqeqeshi omusha seluphothuliwe kanti kulindeleke ukuthi amenyezelwe maduze umqeqeshi omusha.”

Njengoba Impempe beyibikile nangempelasonto, bese kuvele kunesikhathi ishiphelene phakathi kukaBartlett naleli qembu. 

FUNDA NALA: Impi ibambezele umgadli obhekwe ngabomvu kuMaZulu

Yena ubesola abaphathi ngokungafuni ukumthengela abadlali abasezingeni elifanele lesi sigaba abefisa ukuqinisa ngabo.