UDove obekuthiwa uzochithwa yiChiefs usayidovola eNaturena
SIHLE NGUBO
Umdlali oyibamba kwesokunxele emuva kwiKaizer Chiefs, u-Edmilson Dove, usekhona eNaturena futhi uyaziqeqesha neqembu nsuku zonke.
Lo mdlali, oneminyaka engu-30, odabuka eMozambique, kuke kwavela ukuthi uzochithwa Amakhosi ngesikhathi kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali ngoJanuwari, ukuze kuvuleke izikhala zabanye abadlali.
Umdlali ogcine ehambile kwiChiefs uChristian Saile ophambane noTashreeq Morris obekwiSuperSport United. UMorris ufike nomehluko omkhulu kwiChiefs phambili.
UDove ufike kwiChiefs evela kwiCape Town City ngo-2022. Nokho leli nxele libuye lihlushwe ukulimala okuyikona okwenza ukuthi licisho lishiye Amakhosi ekupheleni kwesizini edlule.
Kuphele isizini elimele uDove nokukhulise amahlebezi okuthi iChiefs ngeke iyivuselele inkontileka yakhe. Liqede ukuqagela leli qembu laseNaturena lisebenzisa umbandela wokuvuselela inkontileka kaDove ngonyaka owodwa, ngoJuni nyakenye.
UDove ubeyingxenye yeqembu ngesikhathi liyolungiselela isizini entsha eTurkey ngoJulayi nyakenye. Ngebhadi lakhe lo mdlali uphinde wathinteka kwaphoqeleka ukuthi asheshe abuye eTurkey, ehambisana noBongani Sam obesanda kusayina kwiChiefs evela kwi-Orlando Pirates.
Bobabili laba badlali abakaze badlale kwiChiefs selokhu kufike umqeqeshi omusha, uNasreddine Nabi. Kwesokunxele emuva kudlala uBradley Cross, uThatayaone Ditlhokwe noma uHappy Mashiane.
Inkontileka kaDove izophela ngoJuni kanti mancane amathuba okuthi ivuselelwe njengoba evele engadlali.
IChiefs izobuyela ensimini ngokubhekana neChippa United, emdlalweni weNedbank Cup Last 16, eFNB Stadium, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama. Emdlalweni wayo wokugcina ishaye iStellebosch FC ngo 1-0 koweligi ngoLwesihlanu olwedlule.

