Impi ibambezele umgadli obhekwe ngabomvu kuMaZulu
Kusazothatha isikhashana ukuthi afike kuleli uumgadli waMaZulu FC, uVictorien Adebayor waseNiger.
Lo mgadli uzithola evaleleke kwelakubo ngenxa yezimpi zombango eziqhubekayo eGuinea naseNiger.
Isikhulu sezokuxhumana kuMaZulu, uPhilani Ndlela, sitshele Impempe ukuthi kumanje leli qembu libhekene nesimo esiyinselelo, njengoba udweshu luphazamise ukuhamba kwezindiza eNiger.
Lokhu kwenze kwaba nzima kulo mgadli ukuthi aphume kuleliya lizwe eze kuleli ukuzoqala umsebenzi wakhe kuMaZulu.
Enye indlela abengaphuma ngayo ngeyokuphumela emazweni angomakhelwane, njengeMali, iLibya, iBenin, iTogo, iNigeria, neChad, kodwa nakhona kuvimbekile.
u-Adebayor ulindelwe ngabomvu kuMaZulu ngethemba lokuthi uzofika nesisombululo senkinga yamagoli.
Umqeqeshi waMaZulu, uPablo Francisco Martin, nguye owacela kubaphathi ukuthi asayinwe lo mgadli oke wadlala naseFrance.
Watshela uSandile Zungu, ongumengameli waMaZulu, naye owasukumela phezulu ukwenza izaba zokulanda lo mgadli.
Kubhekwe ukuthi uma esefikile akhe ubudlelwano obuhle nabagadli azobafica eqenjini oBongi Ntuli, Austine Kwem, noJunior Dion.
Abagadli abakhona eqenjini badonsa kanzima ekubhakuziseni inethi, kanti leli qembu lizimisele ngokuqinisa phambili.
FUNDA NALA: Iyahohoza iPSL ngokungena kweSundowns kwiSuper League
Njengoba belinde okuzokwenzeka nethemba lesixazululo kule ngxabano, AmaZulu FC uNdlela uthe bazibophezele ekwesekeni u-Adebayor nokuqinisekisa ukuthi ufika eqenjini ephephile.