UChenene upopola ingozi enyonyobela ibhola lakuleli
ALFRED NGUBANE
Inkakha yakuleli, uBenett Chenene, owazakhela igama edlala kuMaZulu FC ne-Orlando Pirates, upopola inkinga enkulu ezolimaza ibhola kuleli.
UChenene, owayedle ngejuban enomjiko ngezikhathi zakhe, ukhala ngomona awubona kubaqeqeshi abahola kancane ebholeni kuleli naphesheya.
“Uyabona kumele amaqembu akuqaphelisise ukuthi kunabadlali abahola kakhulu kunabaqeqeshi,” kusho uChenene.
“Lokho kudala inzondo nomona kubaqeqeshi. Umqeqeshi uyaxabana nabadlali abahola kakhulu kunaye, angabaphathi kahle.”
Lento akhuluma ngayo uChenene akayifuniseli nje, futhi akayisuseli emoyeni njengoba ethi naye qobo lwakhe yake yamehlela.
“Mina ngafika kwiBloemfontein Celtic ngihamba ngeBMW njengoba ngangiphuma kwi-Orlando Pirates,” kuchaza yena.
“Hhayi lokhu kwakungehli kahle kubaqeqeshi ngoba kubona akekho owayenemoto ephilayo.
“Kunabaqeqeshi abangayizwa nhlobo indaba yokuthi umdlali ahole ngaphezulu kwabo ngoba bakholelwa ekutheni kumele bahole kancono kunabadlali.
“Kodwa ebholeni elikhokhelwayo kuvamisile ukuthi abadlali bahole kakhulu kunabaqeqeshi.”
FUNDA NALA: UNtseki’ ushaye ngamafuphi ebuzwa ‘ngekhosi elisha’ uJohnson
Uthe uma abaphathi bamaqembu bengayiqapheli lento, ingase igcine iyisihlabva esibi kakhulu, abadlali benganikwa ithuba elibafanele ngoba kunomona phakathi.