ISpurs inqumele umqeqeshi ugwayi katiki ngendlu abeqashelwe yona
SIHLE NGUBO
Kubukeka sengathi abathi beCape Town Spurs abasafuni kwasani ethinta uShaun Bartlett.
Lo mqeqeshi uhlukane naleli qembu laseKapa ngoMsombuluko kulandela ukuphikwa yimiphumela.
Iqembu bese lidlale imidlalo eyisikhombisa yeDStv Premiership lashaywa kuyona yonke.
Ngemuva kokuxoshwa kukaBartlett sekuvele ukuthi iqembu linqumele uCalvin Marlin, obengumqeqeshi wonozinti, ugwayi katiki.
“Utshelwe ukuthi aphume aphele endaweni abehlala kuyona, okungeyeqembu, engakapheli amahora angu-24,” kusho umthombo osondelele neSpurs.
Kusobala ukuthi abaphathi beqembu bafuna ukulishintsha lonke ithimba labaqeqeshi elihluleke lancama ukuthola ngisho iphuzu lokubika selokhu iqembu linyukele kwiDStv Premiership.
ISpurs inyukele kwiPremiership ngemuva kokudla umhlanganiso emidlalweni yokuhlunga. Ishovele phansi iMaritzburg United ebidlala kwiPremiership ngesizini edlule.
Abaphathi beSpurs babethembise ukuthi bazoligcina lonke ithimba labaqeqeshi ngesikhathi iqembu linyukela esigabeni esiphezulu.
Nokho kuvelile ukuthi bese kukhona ukushayisana kubangwa ukuthi uBartlett ubefuna ukuthengelwa abadlali abanamava.
Ukuthi izinsuku kuBartlett nethimba lakhe sezibaliwe kuqale ngesikhathi kuqashwa uSean Connor kwathiwa uzophatha ezokuqeqesha.
Kube sekuthiwa uzohlela kabusha ithimba labaqeqeshi, waqala ngokukhomba uBartlett emnyango njengoba noMarlin esesendleleni nje.
FUNDA NALA: UChenene upopola ingozi enyonyobela ibhola lakuleli
Kuqashwe noVasilli Msounakis ukuba azoba yiphini loqemqeqeshi yize engakaqashwa umqeqeshi kusazobamba yena uConnor.