Ezakamuva

Umqeqeshi ochithwe yiBay usevumbuke kwelePSL

SIHLE NGUBO 

UBrandon Truter, osanda kwehlukana neRichards Bay FC, usethushuke kwi-Upington City FC, egijima kwiMotsepe Foundation Championship.

Lokhu kuqinisekiswe iyona i-Upington ngesikhathi iveza ukuthi seyichithe obengumqeqeshi wayo uThulani Nkosi ngoMsombuluko.

UTruter ushiye kwiNatal Rich Boyz ngoba imiphumela ingavumi kahle. Kuleli qembu laseMhlathuze kusabambe uRonnie Gabriel.

“Namuhla usuku lokugcina lomqeqeshi uThulani Nkosi neqembu. Sithanda ukumbonga ngakho konke akwenzele iqembu futhi simfisela konke okuhle,” kusho ingxenye yesitatimende seqembu

“Umqeqeshi uNkosi usebe yinxusa elineqiniso leqembu i-Upington City FC, futhi konke akwenzele iqembu akusoze kulibaleke.

“Siyabonga kakhulu ngesikhathi abe nathi ngaso futhi simfisela okuhle emsebenzini wakhe wokuqeqesha.

“Njengoba sivalelisa umqeqeshi uNkosi kuyasijabulisa ukumemezela ukuthi umqeqeshi uBrandon Truter uyena ozothatha izintambo zokuqeqesha ngokushesha.”

UTruter ubuyela eqenjini lapho eke wasebenza khona njengomqeqeshi phambilini.

“Siyajabula ukwamukela umqeqeshi uTruter futhi kwi-Upington City. Ukuqashwa kwakhe kuzolisiza kakhulu iqembu futhi sinesiqiniseko sokuthi uzoliholela empumelelweni.”

I-Upington isendaweni ka-11 kwilogi yeChampionship. Isakwaze ukunqoba imidlalo emine kuphela kwengu-13 esiyidlalile.

UTruter uzothola ithuba okokuqala lokuhlala ebhentshini uma iqembu lakhe Elisha uma selibhekene neHungry Lions eSuzuki Stadium, ngoLwesihlanu.