EzakamuvaIbhola

UNtseki’ ushaye ngamafuphi ebuzwa ‘ngekhosi elisha’ uJohnson 

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki, waziwa ngokuzotha nokwehlisa umoya ngisho nasezimeni ezinzima noma ebhekene nemibuzo yabezindaba.

Ngokuvamile uNtseki uchaza kabanzi uma ephendula ukuze aqinisekise ukuthi uzwakala ngoucacile kwakushoyo. 

Nokho ngesikhathi ebuzwa ngokufika komqeqeshi onamava, uCavin Johnson onamava kwiChiefs, impendulo kaNtseki ibe mfushane ngendlela emangalisayo.

“KolukaCavin Johnson, iqembu lisikhiphile isimemezelo ngaye,” kusho uNtseki ngamafuphi ephendula umbuzo mayelana nokuqokwa kukaJohnson.

UJohnson, ongumqeqeshi osemnkantshubomvu futhi onamava emaqenjini ahlukene kuleli futhi oke waba yiphini likaPitso Mosimane kwi-Al Ahly, ujoyine iChiefs ngesonto eledlule.

Ukuqokwa kwakhe kumenyezelwe ngosuku ngemuva kokuthi uNtseki ezithole ejikijelwa ngabalandeli, bemthuka bethi bakhathele nguye kulandela ukushaywa yiSuperSport United ngo 1-0 ePeter Mokaba Stadium.

UJohnson ulandwe ukuzovala isikhundla esasala singenamuntu ngesikhathi uNtseki ethatha izintambo zokuqeqesha, kususwa u-Arthur Zwane ngoJuni.

UNtseki uqhube wathi, “Iqembu likhiphe isitatimende sokuthi uJohnson uqokwa njengenhloko yezokuqeqesha nokuhlwaywa kwekhono. 

“Yilokho kuphela engingakusho ngaye. Iqembu likhiphe isitatimende esisemthethweni sokuthi sekukhona inkosi entsha efike izoba yinhloko yezinkulisa nokuhlwaywa kwekhono.”

Nokho ukufika kukaJohnson kuqubule ukuqagela mayelana nokuthi ulethelwe ukuzocuphisa ngaye ukwenzela ukuthi uma isimo singaguquki ngaphansi kobuholi bukaNtseki.

Yinto evamile vele ebholeni laseNingizimu Afrika ukuthi kuqale kuqokwe omunye umqeqeshi kuleso sikhundla bese ethatha owokuqeqesha ngokugcwele ngokuhamba kwesikhathi.

Lesi simo sisanda kubonakala ngesikhathi iCape Town Spurs iletha uSean Connor “njengomqondisi wezokuqeqesha” ngempelasonto.

FUNDA NALA: UComitis uvuma eyothando analo ngoKhama Billiat

Kodwa kuthe ngoMsombuluko, uShaun Bartlett wazithola esexoshiwe, uConnor wathatha lo msebenzi wokucija leli qembu njengomqeqeshi wesikhashana.