EzakamuvaIbhola

‘Uwutshinge’ emgqonyeni umdlalo uKomphela ebanjwa yiChippa

SIHLE NGUBO

Ukhale ngegoli abancishwe lo umqeqeshi weChippa United, uMorgan Mammila, ngemuva kokuthi bebambane neMoroka Swallows ngo 0-0 ngoLwesithathu.

Kulo mdlalo weDStv Premiership, obuseDobsonville Stadium, uRoscoe Peterson ulingqofele phakathi ngesiwombe sesibili kodwa wathi unompempe phinde ubeseme emhlabeni ongamfanele.

“Uma ushaya igoli elisobala bese bethi onompempe akulona igoli, akukho ongakwenza. 

“Abadlali bami kumele bakuqonde ukuthi izinto ezinjena zizokwenzeka, onompempe bathathe izinqumo ezingavuni bona,” kusho uMammila owaziwa ngokuzikhulumela.

“Nakanjani ngicabanga ukuthi bekufanele siwuwine umdlalo. Ngokwami silahle amaphuzu amabili abaluleke kakhulu.”

UMammila nezakhe bebebheke ukuwina umdlalo wesithathu kulandelana. Baye kulo mdlalo bephuma ekushayeni iSuperSport United ngo 1-0, kanti ngaphambi kwalokho bashaye iRichards Bay FC ngo 2-1.

Emdlalweni wangoLwesithathu, iSwallows nayo iwatholile amathuba yangawasebenzisa. Umqeqeshi weZinyoni uSteve Komphela ukhale kakhulu ngalokhu.

“Kuyaphoxa kakhulu. Ngomzuzu wokuqala ngqa sithole elihle ithuba sangalisebenzisa. Amathuba alula nje okuthinta ibhola lingene phakathi sihlulekile ukuwasebenzisa,” kusho uKomphela.

“Lo mdlalo ngizowuthatha ngiwufake emgqonyeni, bese ngithathe iphuzu ngibheke phambili.”

FUNDA NALA: Usanethemba ngeBanyana u-Ellis yize kubhimbile koweMalawi

Naye uKomphela nezakhe bebebheke ukuwina umdlalo wesithathu kulandelana. Bawine kwiSekhukhune United naMaZulu FC ngaphambi komdlalo wangoLwesithathu.