Usanethemba ngeBanyana u-Ellis yize kubhimbile koweMalawi
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weBanyana Banyana, uDesree Ellis uthi uyaziqhenya ngabadlali bakhe yize beshaywe yiMalawi ngo 4-3 emdlalweni weCosafa Women’s Championship, eLucas Moripe Stadium, ngoLwesithathu ntambama.
IBanyana izimoshe ngokudedela amagoli alula kulo mdlalo njengoba kuke kwaba ngu 4-1 izenzela iMalawi. Nokho lokhu akumcikanga kangako u-Ellis.
“Yebo sishayiwe kulo mdlalo kodwa ngeneme ngendlela esidlale ngayo,” kusho u-Ellis ngemuva komdlalo.
“Wona akhona amaphutha esiwenzile ngokudedela amagoli kalula, futhi besihluleka ukubhekana namabhola amade.
“Ngiyaziqhenya ngalaba badlali. Sibahlanganise ngesikhathi esifushane ukuthi beze ekhempini yeBanyana.”
Amagoli eBanyana ashaywe uThubelihle Shamase, iwele lakhe uPhumelele Shamashe noKhensani Nkuna.
KwiMalawi kugqame uTemwa Chawunga oshaye amagoli amathathu, waqokwa njengomdlali wosuku. Elinye lishaywe uLeticia Chinyawula.
Emdlalweni wokuqala i-Eswatini ishaye iMadagascar ngo 2-1 yize ike yalandela ngemuva ngo 1-0. Lokhu kusho ukuthi kushaywe amagoli ayishumi kuGroup A ngoLwesithathu.
UMBONO: IChiefs neMan United, izithupha ziya egwayini
“Siyazi akusekho ezandleni zethu kakhulu kodwa sizozama ukuwina imidlalo emibili esele sishaye namagoli. Kumele sizibeke ethubeni lokudlulela phambili,” kuphetha u-Ellis.