Uvuma ukuthomba kokhiye uTembo weRichards Bay ehlulwa yigoli
SIHLE NGUBO
‘Angisazi ukuthi sidinga ukwenzani ukuze sishaye igoli siwine umdlalo.’
Lawa kube ngamazwi kaKaitano Tembo ocija iRichards Bay FC, ngemuva kokuthi ezakhe zishaywe yiPolokwane City ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership, eKing Zwelethini Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.
Udideke kufanele uTembo uma kubhekwa indlela elidlale kahle ngayo iqembu lakhe, lashoda ngokubeka ibhola enethini kuphela.
“Ngiyabancoma kakhulu abadlali bami, badlale kahle. Nangesiwombe sesibili besiwuphethe umdlalo waze wayophela.”
INatal Rich Boyz idlale isikhathi eside ingasaphelele ngemuva kokukhishwa kukaSinethemba Mngomezulu ngekhadi elibomvu ngomzuzu ka-15.
Nokho ayishintshanga indlela ebiyincinza ngayo iBay yize ibingasaphelele. Kodwa uTembo akanelisekanga ngaleli khadi.
“Anginaso isiqiniseko ngaleli khadi elibomvu, kusamele ngiyibheke kahle indaba yalo.
“Phela yizinto ezifana nalezi ezinquma ukuthi umdlalo uya ngakuphi,” kusho uTembo obengakhombisi ukukhathazeka.
“U(Sanele) Barnes uke wakhahlelwa naye ngemuva kodwa akwenzekanga lutho. Bekungaphuma ikhadi elibomvu.
“Kodwa njengoba ngisho izinto ezincane ezinquma ngomdlalo.”
Amathuba amaningi atholwe yiNatal Rich Boyz abephelela odongeni lweRise and Shine nonozinti.
FUNDA NALA: ‘Uwutshinge’ emgqonyeni umdlalo uKomphela ebanjwa yiChippa
Ukushaywa kwaleli qembu laseMhlathuze kulenza linganyakazi endaweni yesibili ukusuka emsileni kwilogi.