Kuvuka usizi kumfowabo kaSenzo Meyiwa uma iBucs iseThekwini
SINENHLANHLA MSANE
USifiso Meyiwa ongumnewabo kaSenzo Meyiwa, ongasekho, uthi uzwa iminjunju uma kudlala i-Orlando Pirates eThekwini bese bezithola behluleka ukuthola amathikithi okuyoyibuka idlala njengakudala.
Ukhuluma kanjena nje uSifiso iBucs izotholana phezulu neMamelodi Sundowns emdlalweni wamanqamu weMTN8 eMoses Mabhida Stadium, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.
Okumphatha kabi ukuthi abanawo amathikithi okuya emdlalweni nokuyinto eyayingenzeki kusekhona uSenzo.
“Besizimisele ngokuwathenga kodwa asizuma asheshe aphela. Kubuhlungu ukuzithola sikulesi simo ngoba kusekhona uSenzo sasazi ukuthi ngoLwesine bazofika ehhotela eMhlanga, sihambe siyolanda amathikithi kuqonde konke,” kusho uSifiso.
Uthe ukushona kukaSenzo Meyiwa kwashiya isikhala esikhulu emndenini ngezindlela eziningi.
“Ziyakhumbuleka izikhathi zakudala uma idlala iBhakaniya ikakhulukazi uma sisenkundleni.
“Amathikithi lutho asisawatholi, kade ngikhuluma noHappy (Jele) benoGabuza (uThamsanqa) nje ngithi abangixhumanise, ngoba abasekho abadlali ababedlala noSenzo,” kubalisa uSifiso.
USenzo wadutshulwa wabulala kubo kamama wengane yakhe uKelly Khumalo, eVooslorus, ngo-2014.
Icala eselidonse isikhathi eside liyaqhubeka enkantolo enkulu ePitoli. USifiso uthe angakujabulela ukuyofakaza kulona ngalokhu akwaziyo.
“Uma kwenzeka bengibiza ngingafisa ukuyofakaza. Kodwa konke kuphethwe uBaloyi ngakho sekoncika kuyena ukuthi uyasibiza yini,” kuphetha uSifiso.
FUNDA NALA: UFohloza uzifohlozela imali nje, akanankinga nokuxoshwa
Icala likaMeyiwa lizoqhubela ngoMsombuluko lapho kulindeleke ukuthi ummeli wommangalelwa wesihlanu aveze izithombe ezifakazela ukuthi wayengekho ehostela ngosuku lwesigamego.