UFohloza uzifohlozela imali nje, akanankinga nokuxoshwa
SIHLE NGUBO
Kumele wukuthi ubomvu yimali lapho ekhona uRomain “uFohloza” Folz ongumqeqeshi ohlale exoshwa ingakapheli inkontileka yakhe.
UFohloza usephinde waxoshwa yiHoroya AC kusaphele inyanga eyodwa kuphela eqashiwe. Ubesayine inkontileka yeminyaka emibili naleli qembu.
Akuqali ukuthi uFohloza akhonjwe indlela esasalelwe yinkontileka ende. Le nsizwa eneminyaka engu-33 inerekhodi lokuba ngumqeqeshi omncane kunabo bonke ukusebenza kwiligi yakuleli.
Kwenzeke okufanayo echithwa AmaZulu FC ayesanda kumnika inkontileka yeminyaka emithathu ngesizini edlule.
NakwiMarumo Gallants akazange ayiqede inkontileka yakhe yabe isishiphelana.
Waqala ngokuduba umsebenzi kodwa wagcina echithiwe kubangwa ukusethwa kwesikimu. Waveza ukuthi kukhona ababefuna ukugxambukela emsebenzini wakhe ngokumtshela ukuthi afake muphi umdlali esikimini.
Ukuxoshwa njalo kukaFohloza akulenzi libe lihle igama lakhe kwezokuqeqesha.
Nokho akungabazeki ukuthi imali ayiyona inkinga kuyena. Phela uma iqembu likuxoshe usenenkontileka kumele likukhokhele yonke imali yeminyaka owayisayina.
Nokho kuyenzeka kuxoxiswane bese kuvunyelwana ngokuncane azokuthola bese evuma ukushiya.
Ngoba unenhlanhla yomsebenzi uFohloza, ngeke kuthuse uma engavumbuka kwelinye lamaqembu eDStv Premiership maduze.
FUNDA NALA: Uphenduke u-Estella owoSuthu, uthi akayi ndawo yena
Uma kwenzeka sekungaba kulona ukuthi limxosha nini ngoba akahlali emsebenzini. Nalo liyobe seliyikhokhela le nsizwa enobuzwe baseFrance naseMorocco.