Andizi, kusho uTau kwiBafana, sivalwe oweChiefs isikhala sakhe
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ubize umdlali wasesiswini weKaizer Chiefs ozovala isikhala sikaPercy Tau njengoba belungiselela imidlalo yobungani.
IBafana izohlangana eGauteng ngoMsombuluko ekhempini yezinsuku eziyisishiyagalolunye.
Bayisebenzisela ukulungiselela imidlalo ezayo yokuhlungela iNdebe Yomhlaba yeFifa ka-2026 neCaf Africa Cup of Nations (Afcon) ezoba ngojanuwari.
Lo mgadli we-Al Ahly, oshaye amagoli amabili ngesikhathi behlula i-Ismaily ngo 3-1 emdlalweni weligi ngeSonto, kuthiwa ucele ukuhoxa kule khempu.
Iligi isanda kuqala e-Egypt, i-Ahly isidlale imidlalo emibili. UTau useshaye amagoli amane kuleyo midlalo emibili.
Kuvela ukuthi ucele ukuba akhishwe kule khempu “ngenxa yezizathu zakhe”. Ngeke abe khona emidlalweni emibili yobungani ne-Eswatini ne-Ivory Coast.
Iqembu lesizwe lizobhekana neSihlangu Semnikati ngoLwesihlanu eGauteng ngaphambi kokulibangisa e-Ivory Coast.
Ngenyanga edlule idlale ngokulingana neNamibia, yahlula iDemocratic Republic of Congo ngo 1-0.
UTau ubekhona ekhempini edlule yeBafana kodwa ngeke abe khona emidlalweni emibili ka-Okthoba.
Ukungabi khona kwakhe kuvulele umdlali omusha weChiefs uMduduzi Mdantsane ithuba.
Lo mdlali oneminyaka engu-28 kulindeleke ukuthi afike ekhempini yeBafana ngoMsombuluko.
Ubesale ngaphandle ngesikhathi sekuqokwa iqembu ngeviki elidlule. UMdantsane usedlale imidlalo engu-10 kwiChiefs kusukela efike kuyo esuka kwiCape Town City.
UMdantsane ungumdlali wesibili weChiefs oseqenjini leBafana njengoba kukhona noSibongiseni ‘Ox’ Mthethwa.
FUNDA NALA: UMosimane uyakuzwa ukusinda kwensimbi, ukhala ngeVAR
IBafana izoqala umkhankaso wokuhlungela iNdebe Yomhlaba ngokubhekana neBenin ekhaya ngoNovemba 13. Ngemva kwesonto, izolibangisa eRwanda ngoNovemba 20.