EzakamuvaiDStv Premiership

Uvuma ingcindezi yemidlalo esele uMaduka weRoyal AM

‘Kumele siyinqobe leyo midlalo (emibili esele), ukuze siphephe.’

Usho kanje umqeqeshi weRoyal AM, uJohn Maduka, ngemuva kokuthi ezakhe zishaywe yiMamelodi Sundowns ngo 2-0 emdlalweni weDStv Premiership, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoLwesibili ebusuku.

Bese kungokwesibili iRoyal AM ishaywa yiSundowns koweligi ezinsukwini ezine.

NgoMgqibelo iThwihli Thwahla ibuye eLoftus Stadium, ePitoli, ilambatha ngemuva kokushaywa Abafana Ba’Style ngo 1-0.

“Siyibhekile imidlalo emibili elandelayo. Kumele sizame ngalokhu esinakho, vele ngeke sikwazi ukuncintisana neSundowns,”kusho uMaduka ngemuva komdlalo.

“Sizamile ukubekezelela ingcindezi kodwa uyazi bayaqhubeka belokhu bekucindeza uze uhlakazeke.

“Akulula neze ukudlala nabo. Bayiqembu elihle neliyingozi uma liya phambili.”

Umdlalo ubuphethwe yiSundowns kusukela ekuqaleni, kanti iRoyal AM ibibukeka ingeyinhle neze uma ivimba emuva.

Lokhu bekuholela ekutheni kuvalwe amehlo uma Abafana Ba’Style befika ezintini zeThwihli Thwahla.

Amagoli eSundowns ashaywe uPeter Shalulile ngomzuzu ka-41, kwathi uLesiba Nku washaya elesibili ngoka-74.

Ngomzuzu ka-94+5 uMarcelo Allende ugeje iphenathi ebingenza kube ngu 3-0.

Ukushaywa kweRoyal AM, kuyicindezela kakhulu njengoba sekusele imidlalo emibili kuphela kusongwe isizini.

Ihlukaniswe amaphuzu amabili kuphela neRichards Bay esendaweni yesibili ukusuka emsileni ngamaphuzu angu-27.

Uma iThwihli Thwahla ihluleka ukuthola amaphuzu emdlalweni ezowudlala neChippa United, nalapho izovala khona neMoroka Swallows, ingazithola iyodlala imidlalo yokuhlunga ekupheleni kwesizini.

Isimo asisihle kuleli qembu njengoba lingashayanga nelilodwa igoli emidlalweni emihlanu edlule eliyidlalile.

Ngasohlangothini lweSundowns isisondele ekwephuleni irekhodi layo lokuqoqa amaphuzu angu-71 ngesizini.

EzikaRulani Mokwena azikashaywa kule sizini, kanti seziqoqe amaphuzu angu-69. ISundowns isazodlala imidlalo emithathu.