Kanti yini le elimaza uSibisi weBucs kweyamanqamu?
ALFRED NGUBANE
Ukulimala kukaNkosinathi Sibisi kabili kulandelana i-Orlando Pirates idlala umdlalo wamanqamu kwiMTN8 eThekwini yinto esithathe amehlo abaningi.
USibisi walimala kabi, wakhishwa umdlalo usanda kuqala iPirates ibhekene naMaZulu FC eMoses Mabhida Stadium ngesizini edlule.
Nakulokhu uphinde waphuma esiwombeni sokuqala kulandela ukushayeka kabana ekhanda beshayisana noMothobi Mvala.
UMlungisi “Gigi” Masinga owazakhela igama kwiGolden Arrows futhi awake wawudlala umdlalo wamanqamu kwiMTN8 uthi yena usola ukuzimisela.
“Usuke efuna ukulwela i-Orlando Pirates kodwa agcine esehluleka nawukuzilawula njengoba engumdlali omakayo, afake ikhanda nonyawo,” kusho uMasinga.
Uthe ngeke akuchithe okokuthi kungenzeka nokuthi ushaywa wumuthi, uphume ngaye ngoba umthole ebuthaka.
“Kumele akuqonde ukuthi umdlalo omkhulu kanjena kusetshenziswa izaba,” kusho yena.
“Naye kumele asebenzise izaba kwazise uphuma ekhaya futhi uyindoda ukuze umuthi wamaqembu ungaphumi ngaye.
“Kungenzeka ulula kakhulu, kusamele asukume njengendoda,” kuchaza uMasinga.
USibisi uphume ekhala, kanti uke wazama nokugoloza ngesikhathi odokotela bePirates bemtshela ukuthi ngeke esakwazi ukuqhubeka nokudlala.
USibisi ungomunye wabadlali abaqala imidlalo futhi ababalulekile eqenjini likaJose Riveiro.
FUNDA NALA: Andizi, kusho uTau kwiBafana, sivalwe oweChiefs isikhala sakhe
Nokho akalimalanga kangako kukaThandi Merafe ongumxhumanisi weqembu nabezindaba.