UJosephy Kamwendo usakhihla esikaNandi ngoLorch
ALFRED NGUBANE
Inkakha ye-Orlando Pirates, uJosephy Kamwendo ukhala ngaleli qembu ukuthi lizigwaze ngowalo ngokuvuma ukuthengisela iMamelodi Sundowns uThembinkosi Lorch.
IPirates ithuse abaningi ngesikhathi idedelela iSundowns uLorch ngosuku lokugcina lwewindi lokuhwebelana ngabadlali kwiPSL.
UJosephy Kamwendo, odabuka eMalawi, uyakhala naye ngokuthi kuyilimazile iPirates ukudayisa lo mdlali.
“Mina angiqondi ngempela ukuthi i-Orlando Pirates imdayise kanjani uLorch ikakhulukazi kwiMamelodi Sundowns.
“Phela ngokwazi kwami iMamelodi Sundowns iyizimbangi zangempela ze-Orlando Pirates.
“Manje ke kwenzeka kanjani ukuthi abaphathi be-Orlando Pirates banqume ukunika isitha amandla.
“Babulale i-Orlando Pirates ngemali nje? Ngabe kungcono ukube bamthengisele iqembu laphesheya kwezilwandle noma bambolekise khona.”
Sekuvelile ke nokho ukuthi usihlalo weBucs, u-Irvin Khoza wayengafuni ukudedela lesi sihlabani sakhe.
Kodwa waphoqeleka njengoba lo mdlali ubengasazimisele ukuqhubeka nokuhlala kwiPirates, esefuna ukuyozwa kwenye indawo ukuthi kunjani.
UShakira, okuyigama lesidlaliso likaJosephy Kamwendo, ubona uLorch ezobuyela ebholeni lakhe uma esedlala nezinye izihlabani kwiDowns.
“Kumanje uLorch uma ngabe evuka emaqandeni kwiMamelodi Sundowns ngabe bayokhona yini ukumvimba?
“Kukhona abadlali abavukayo kwamanye amaqembu amakhulu abafana noGift Leremi noLebohang Mokoena.
“ULorch uyena ebesithembele kuyena uma i-Orlando Pirates idlala nezimbangi zayo ngoba ubeseyinsila yeqembu.
“Unomlando omuhle kakhulu kwi-Orlando Pirates njengoba engumdlali owangena emabhukwini omlando ngokushaya amagoli amaningi kwidabhi yaseSoweto.
FUNDA NALA: U-Arendse neseluleko esimqoka kuRonwen Williams
“Lokho akwenzeki kunoma ngabe yimuphi umdlali. Uhambe ezinyathelweni zoJomo Sono, Nicolas Seshweni, Marks Maponyana, Jerry Sikhosana, Lesley Manyathela, nabanye.”