Indebe entsha nelinye ithuba lokuba yiqhawe kuNtseki
UMolefi Ntseki usezothola elinye ithuba lokuba yiqhawe ngokuthi anqobe indebe entsha, atakule iKaizer Chiefs kwisomiso esiqhubekayo sezindebe.
Ithuba lokuthi abe yiqhawe futhi enze umehluko lizoqhamuka uma sekuqala indebe entsha yePSL, iCarling Black Label Knockout.
Emqhudelwaneni odlule, iMTN8, iChiefs yafinyelela kowandulela owamanqamu kodwa kulapho eyaphelela khona njengoba iMamelodi Sundowns yayiwashisa ijezi.
Okwenze izinto zaba zimbi kakhulu kwiChiefs wukuthi izimbangi zayo zakudala, i-Orlando Pirates yiyo egcine idle lesi sicoco.
Nokho njengoba kwethulwa le ndebe entsha, uNtseki usephinde waba sethubeni lokuvimba leli hlazo elenzeka kuMakhosi.
“Okokuqala engicabanga ukuthi kumele sikwenze wukuncoma iPSL nabaxhasi ukuthi bengeze enye indebe kwiligi yethu.
“SiyiKaizer Chiefs, sikubheke ngabomvu ukwenza kahle emidlalweni yake ndebe,” kusho uNtseki ngemuva kokuqhathwa kwamaqembu ngoLwesibili ntambama.
IChiefs iqhathwe naMaZulu FC okuyiqembu esivele ike yakishaya kule sizini emdlalweni weligi.
“AmaZulu ayiqembu elihle, siwabonile ngesikhathi sidlala nawo eFNB Stadium.
“Basayinise abadlali abahle… Uma ubheka ngemuva kokudlala nathi, sebedlale eminye eminingi ngemuva kwalokho.
“Ngesikhathi bedlala nathi bebengakahlulwa noma bangenelwe yigoli. Kodwa senza kahle kulowa mdlalo, sakwazi ukushaya amagoli, sawunqoba umdlalo.
“Ngemuva kwalokho, ngababona bedlala nePolokwane City… Iqembu selingcono futhi libukeka seliyiqonda indlela umqeqeshi afuna lidlale ngayo.”
Kodwa uNtseki kusobala ukuthi uzozikhathaza kakhulu ngeqembu lakhe abona sengathi nalo liya ngokuba ngcono.
“SiyiKaizer Chiefs, sibheke ukubhalansisa ukudlala kahle nokuthola imiphumela emihle.
“Besidlala kahle, kodwa singanqobi. Siwubheke ngabomvu lo mdlalo ozosisiza sikwazi ukubhalansisa ukudlala kahle nokuwina.
“Ngenxa yokuthi umdlalo wendebe kumele udlalele ukuwina. Nathi siyathuthuka njengeqembu.
“Futhi sinethemba elikhulu lokuthi kuya ngokuba ngcono ukuzwana eqenjini lethu.
FUNDA NALA: Owe-Spurs ujabule ngokuqhathwa ‘nongoti bezindebe’ iPirates
“Into eshodayo kwindlela esidlala ngayo manje wukuthi asiwashayi amagoli. Kodwa leyo yinto esiyilungisayo njalo uma sisejimini.”