Umdlali welePSL ufunwa omashonisa ngesibhamu
SIHLE NGUBO
Umdlali weLamontville Golden Arrows usenkingeni yokufunwa ngesibhamu omashonisa, okuvela ukuthi ubakweleta imali elinganiselwa ku-R50 000 manje.
USicelo Hlatshwayo kuvela ukuthi waboleka imali komashonisa ngonyaka odlule, kanti ilokhu ikhula ngoba akakhokhi.
Kuvela ukuthi useyabadoja manje labo mashonisa abaphinde babe sembonini yamatekisi eNquthu.
Sebevele banquma ukumfuna ngesibhamu kanti kuthiwa sebeke bazama nokuduna imoto yakhe ukuze kubuye le mali ayikweletayo.
Imizamo yomuntu thizeni oseceleni yokuthi kutholakale isisombululo kulolu daba, ayiphumeleli ngoba lo mdlali ukhohlisa kwayena lo muntu.Ingozi enkulu ngalokhu ukuthi kungaze kuphume isidumbu ngoba ezasematekisini ziyaziwa ukuthi ziyalishaya ikhanda kulabo abaphambana nazo ngokwemibono, ingasaphathwa eyabakweleta imali.
Impempe ithinte uMqo Thusi ongumxhumanisi we-Arrows nabezindaba izama ukuthola inombolo kaHlatshwayo nokuthi usayidlalela yini i-Arrows.
Uphendule wathi: “Yebo usayidlalela (i-Arrows), akanalo ucingo manje.”
Ebuzwa ukuthi banalo yini ulwazi ukuthi ukuthi ufunwa omashinisa uthe “cha asinalo lolo lwazi.”
UHlatshwayo odabuka eNewcastle useke wadlalela iGamalakhe FC, iJomo Cosmos, iMaritzburg United neMarumo Gallants, phakathi kwamanye amaqembu.
Uthenge imoto wafaka isithombe ezinkundleni zokuxhumana nokuyinto ebacasule kakhulu kunakuqala omashonisa.

