Owe-Spurs ujabule ngokuqhathwa ‘nongoti bezindebe’ iPirates
Owe-Spurs ujabule ngokuqhathwa ‘nongoti bezindebe’ iPirates
IPremier Soccer League (PSL) yethule umqhudelwano wamaqembu angu-16 weCarling Black Label Knockout ngoLwesibili eHyde Park, eGoli, kanti iCape Town Spurs ijabule ngokuqhathwa ne-Orlando Pirates.
I-Spurs isanda kuhlukana nomqeqeshi wayo uShaun Bartlett kulandela ukuqala kabi kwesizini, kanti ibheke ukushintsha izinto ngomsizi womqeqeshi uVasili Manousakis ngokubambisana nomqeqeshi wesikhashana uSean Connor.
I-Spurs isahlulwe kuyo yonke imidlalo eyisishiyagalombili esayidlalile kwiDStv Premiership kuze kube manje.
UManousakis ubona umqhudelwano uzobanikeza ithuba lokudlala kungekho okutheni okubhekiwe kubo.
“Kuqhathwe kahle kakhulu, siqhathwe ngendlela ethokozisayo,” kusho uMasounakis ngemuva kokuqhathwa kwamaqembu.
“IPirates isanda kunqoba indebe, futhi izobe ibheke ngabomvu ukwenza kahle nakulo mqhudelwano.”
Uthi njengoba kusanda kwenziwa izinguquko nje kwi-Spurs, kunenkolelo entsha ekhona eqenjini.
“Kube khona izinguquko eqenjini, futhi sonke sinethemba lokwenza izinto zibe ngcono.
“Akubanga yisiqalo esihle kithina, kodwa kusekude phambili,” kusho lo mqeqeshi we-Spurs.
“Umqhudelwano omuhle kakhulu futhi othokozisayo futhi sonke sinethemba lokuthi sizokwenza kahle.
“Akukho okungenzeki ebholeni, ngakho umdlalo wethu nePirates umnandi kakhulu.
“Bangelinye lamaqembu amakhulu kuleli, njengoba ngike ngasho, basanda kunqoba indebe futhi bazobe befuna ukwenza kahle futhi kulena.
“Kodwa sizobe sizilungiselele futhi sizokwenza konke okusemandleni ethu ukuze siqinisekise ukuthi siyaphumelela.”
FUNDA NALA: Isasasa kwethulwa iCarling Knockout ezohlomulisa abalandeli
Lo mqhudelwano omusha, othatha indawo yeTelkom Knockout, uzoqala ngokuhamba kwesikhathi ngo-Okthoba.
I-PSL ithe izinkundla nezinsuku, ngokunjalo nemali ezotholwa ngompetha kuzobuye kumenyezelelwe ngokuhamba kwesikhathi.