Mkhonza: ‘Sebeyayibaleka iDStv Pemiership abangaphandle’
Alfred Ngubane
UDoctor Mkhonza, owayesiqongqwane emuva kwiFree State Stars useveze into eyihlazo ngeligi enkulu yakuleli iDStv Premiership.
Le nkakha ithi ikhathazekile ngezinga lebhola elidlalwa ngamaqembu ePremiership kuleli ngoba lixosha abadlali bangaphandle.
“Kumanje sekhona amazwe aseveze ukungathandi ukuthi abadlali bawo bezodlala kuleli ngoba ethi akubakhulisi neze.
“Athi uma befuna ukudlala emaqenjini esizwe kumele bagweme ukuza kuleli,” kusho uDoctor Mkhonza.
Ubale amazwe afana neGhana, Cameroon, Nigeria, Mali, Togo, Senegal, Morocco, Tunisia, Egypt la abadlali abaningi bakwamanye amazwe sebegiimela khona.
“Kumanje kukhona amazwe angomakwelwane bethu angasayingeni indaba yokuletha abadlali bawo kuleli ngoba ekhala ngokuthi bafike bephele kunokukhula.
“Isibonelo esilula nje yiZambia esigqugquzela abadlali bayo ukuthi baye eDR Congo kunokuza kuleli. Lapha sekuza labo nje vele abangenamsoco.
“NeZimbabwe abadlali bayo abanohlonzo bagijima emaqenjini aphesheya kwezilwandle,” kuchaza uDoctor Mkhonza.
UDoctor Mkhonza njengamanje ungumqeqeshi kwiMkhumbane Classic yaseThekwini edlala kwi-ABC Motsepe League. usezakhele igama ngokuweza abadlali abagcina bedlala kwiDStv Premiership.
Kuzokhumbuleka ke ukuthi sehlile isibalo sabadlali baseZambia abeza kuleli. Kanti nabezayo abasenawo amakhono njengakudala.
Lokhu kungenzeka ukuthi kungenxa yokuthi njengoba esho nje uMkhonza sebegqugquzelwa ukuthi bengalandeli imali enkulu eholwa kuleli kuphela.
FUNDA NALA: Izoyiqala ekhaya eHarry Gwala indlela ebuyela kweloju iMaritzburg
Kuyinto eyaziwayo ke ukuthi amaqembu amaningi ase-Europe alithungatha emazweniasenhla nasenyakatho ne-Afrika ithalente.
Yingakho kujabulise kakhulu kuleli ukuthi amaqembu ase-US adlala kwiMajor League aseqalile ukutheza kuleli muva nje.