UMatsau ubhoboka ngesihluku asenziwa uPitso
ALFRED NGUBANE
UDaniel Matsau uthi kusaqaqamba inhliziyo uma ecabanga indlela axoshwa ngayo kwiSuperSport United ngoba kuphendlelwa omunye umgadli.
UMatsau ukhulume okokuqala ngalesi sehlakalo ngesikhathi enengxoxo neMpempe kuleli viki. Uvule isifuba sakhe ngale ndaba.
Uthi wazithola ephelelwa yindawo eqenjini ngemuva kokuthi iqemu lifune ukusayina uLungisani Ndlela owayesuka kwiMoroka Swallows ngaleso sikhathi.
“Saxabana kwashunqa uthuli enkundleni lapho sasizilolongela khona ngoba ngambuza ukuthi ungixoshelani,” kusho uMatsau.
“Ngambuza ukuthi ngabe usho ukuthi uLungisani Ndlela uncono kunami. Kwaze kwaba muncu isimo ngoba sasingezwani nhlobo noPitso.”
Uthi lesi siqephu senzeka ngoba wayekade esebekezele isikhathi eside, kwafika la ehluthukelwa khona yinhliziyo kwazise ayiphakelwa.
“Wayikhubaza inhliziyo yami uPitso Mosimane. Noma sengamxolela, kodwa ngeke kuphele enhliziyweni yami ukuthi wangenzela phansi.
“Ngiyavuma ukuthi ungumqeqeshi ophumelele empilweni yakhe kodwa le angenza yona ayivumi nhlobo ukudlula kimi,” kusho uMatsau owaduma kkwiKaizer Chiefs.
Wayekhona naseqenjini lesizwe labadlali abaneminyaka engaphansi kuka-23 elalidlala kuma-Olympics.
FUNDA NALA: USukazi useka iPSL ngokunqabela iDowns ukuya kwiSuper League
Leli qembu lalibophele izihlabani okwakukhona kuzo oBenni McCathy, Siyabonga Nomvete, Quinton Fortune, Steve Lekoela, noMathews Booth, liqeqeshwa uShakes Mashaba.