USukazi useka iPSL ngokunqabela iDowns ukuya kwiSuper League
Isinqumo sePSL sokungayivumeli iMamelodi Sundowns ukuthi iyodlala kwiCaf African Football League, ebuye yaziwe ngeSuper League, kumfake ehlazweni umengameli weCaf uPatrice Motsepe.
UMotsepe, ngokubambisana nomengameli weFifa, uGiani Infantino, yibo abahamba phambili ekusungulweni kwale ligi yamaqembu ayisishiyagalombili.
Kumenywe amaqembu ayisishiyagalombili ukuba azodlala kulo mqhudelwano onesamba sika-R76-million eqenjini elizodla umhlanganiso.
Into ephoxa kakhulu kuMotsepe wukuthi izwe azalwa kulo, nafaka imali ebholeni lakhona njengoba exhase iNational First Division (isibizwa ngeMotsepe Foundation Championship) yilo elibambezele ukuqala kwalo mqhudelwano.
Aligcinanga laho njengoba liphinde lavimba neqembu lakhe iSundowns ukuba libe yingxenye yalo mqhudelwano.
Kodwa umengameli weTS Galaxy, uTim Sukazi uthi yena uyayesela iPSL kulesi sinqumo, yize enemizwa eshayisanayo.
“Imizwa yami iyashayisana ngalento,” usho kanje uSukazi, ongomunye wamalungu ebhodi elengamele iPSL njengoba engomunye wabanikazi bamaqembu abangu-32.
“Inkinga wukuthi ngisele nokuzibuza ukuthi ngabe ayikho yini enye indlela engcono yokuhlela umqhudelwano ofana nalona?
“Uma ungasuka kancane ebholeni, ubuke eminye imidlalo, ungabona ukuthi kwirabhi kwakukhona iSuper 14.
“Yini eyenzeka kwiCurrie Cup ngemuva kwalokho? Yavelele yaphelelwa yisasasa. Isigqi sayo saphela nya.
“Ngikhuluma into eliqiniso lapha. Angiboni ukuthi into efanayo ingavimbeka kanjani kulona owethu umdlalo,” kusho uSukazi kwiSports24.
Utje ibhola lakuleli selizibeke ezingeni eliphezulu futhi lingalahlekelwa yisithunzi ngenxa yalo mqhudelwano.
“Thina lapha eNingizimu Afrika sineligi ephambili ezwenikazi. Yithi esinyuse izinga. Kubukelwa kithi.
“Amanye amaligi, lokhu ngikusho ngenhlonipho enkulu, awekho ezingeni leligi yethu. Ngakho ke, ukuphazamiseka okungenzeka kulawo maligi ngeke kufane nokungenzeka kweyethu.
FUNDA NALA: UBlom uveza okwenza kwaba lula ‘ukuduba ikhaya’ kwiChiefs
“Sifuna ompetha bethu bakhiphe wonke amandla abo lapha emiqhudelwaneni yethu, kungehliswa izinga leligi yethu…”