EzakamuvaIbhola

‘Usuyasolveka u-X’ oyiMamelodi Sundowns, kusho uKomphela 

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro uwubalekelile umbuzo wokuthi ngabe sebelinciphisile yini igebe phakathi kwabo neMamelodi Sundowns kulandela ukuyishaya kwabo emdlalweni wamanqamu weMTN8. 

Kodwa uSteve Komphela, weMoroka Swallows yena uphawulile ngalokhu, wathi izinto ziyajika manje futhi uma inganakile, iMamelodi Sundowns ingazithola ingasewona lo ‘X ongasolveki’ ebizazi iyiwo. 

“Uma ubheka lo mdlalo obuseMoses Mabhida (owamanqamu), ngicabanga ukuthi bekuqhutshekwa kulo owawuse-Orlando Stadium,” kusho uKomphela. 

Ubekhuluma ngomdlalo weligi la iSundowns yaphuma ngembobo yenaliti inqoba ngo 1-0 kwiPirates eyayingasagayelwe mphako esiwombeni sesibili. 

“IPirates yaba nomdlalo omuhle. Ngisho umqeqeshi wayo wakuveza ngemuva komdlalo ukuthi basuke bayiyeka kakhulu iMamelodi Sundowns (kulo mdlalo owawuse-Orlando). 

“Uye kowamanqamu esakhele phezu kwesiwombe sesibili salowa mdlalo wase-Orlando. 

“Manje ngabe lokho kusithumezele umlayezi sonke njengabaqeqeshi? Yebo,” kuchaza lo mqeqeshi. 

Ube esenza isibonelo ngokuthi nase-England iManchester City isiyabambeka uma amanyu amaqembu eyilungiselele kahle.

“Uma kwi-EPL, iManchester City ikwazi ukuthi ikhishwe inkani yiBrighton , ne-Arsenal, kukutshela ukuthi abaqeqeshi bayayibukisisa imidlalo yayo (iCity). 

“Sebeqhamuka nezindlela zokubhekana nalezi zinkanyamba futhi nakuyo iMamelodi Sundowns sekunjalo.” 

Okudonsa amehlo wukuthi uKomphela uzobhekana nayo le nkanyamba eyiSundowns maduze nje njengoba iSwallows izogadulisana neSundows ngo-Okthoba 29 emdlalweni weligi. 

Kuzobhekeka ngabomvu ukubona ukuthi lo mqeqeshi oneminyaka engu-56 ngabe uzomisa kanjani uma esebhekene naleli qembuu abesebenza kulo. 

“Baliphakamise kakhulu izinga ngendlela yokuthi wonke umqeqeshi kuleli kumele azibuze ukuthi, ‘kambe ngizobhekana kanjani nale nkanyamba ngibuye ngiphila?’. 

“Zimbili ke izindlela ongenza ngazo kulesi simo. Kungaba wukuthi uye kuyo ngqo, noma uyiyeke kube yiyo eza kuwe. 

“Uma ubayeka beza kuwe, ubayeke bagcine ibhola, ngeke uphinde ulithole. Ngakho ugcina uthi nami ngizolilwela ibhola. 

“Uma beliphethe, sizolilwena silithole. Uma seliphethwe yithi, sizame ukuligcina, silisebenzise ngendlela yokuthi bagcine sebelicinga ngethoshi. Kulapho ke oba nethuba lokubashaya. 

“Kodwa asibe neqiniso. Uma udlala neSundowns bese uhlala emuva, ungakwenza lokho imizuzu engu-90 yonke? 

FUNDA NALA: UMatsau ubhoboka ngesihluku asenziwa uPitso

“Maningi amathuba okuthi uzohluleka. Okungaba kubi kakhulu wukuthi usheshe ungenelwe yigoli bese kuphela wonke amaqhinga.”