EzakamuvaIbhola

Iyaphela indawo yomgadli omusha weChiefs? 

Kunokungaqiniseki ngekusasa likaJasond Gonzalez kwiKaizer Chiefs, njengoba lo mgadli ehlulekile ukufika nomehluko obulindelwe kuye. 

UGonzalez, ongumgadli waseColombia, ubolekiswe unyaka wonke kwiChiefs esuka eqenjini lakhe laseBolivia, iClub Real Santa Cruz. 

Kodwa-ke, izimpawu zakamuva ziphakamisa ukuthi angase abuyele ekilabhini yakhe ngaphambi kwesikhathi ebesinqunywe ekuqaleni.

Ngokubika kwePhakaaathi, iChiefs isophe ukuqinisa iqembu layo ngokulanda umgadli nonozinti bangaphandle.

Ngenxa yalokho, kungenzeka ukuthi uGonzalez akhululwe ukuze kuvuleke isikhala salaba abafikayo.

Umthombo uveze ukuthi uGonzalez akakakwenzi obekulindelwe yiqembu kuyena, futhi ukushintshwa kwendlela yokudlala ngaphansi kukaCavin Johnson kumqedele indawo. 

“Ibhola eliza noJohnson limlahla kakhulu. Yena uyilenhlobo yabagadli bakudala abafuna ukuma balindele ukuphaselwa. 

“Manje lendlela okudlalwa ngayo manje iyamshaya impela. Nokululama kukaRanga (Chivaviro) sekumqhelise kakhulu ekuqaleni imidlalo. 

“Ngiyacabanga kumanje seziqaliwe izinhlelo zokuthi akhululwe ukuze angamoshelwa isikhathi sakhe,” kusho umthombo.

Impempe ike yabika ezinsukwini ukuthi iChiefs igaqele unozinti osemncane waseDemocratic Republic of Congo, eyalelwe yena nguBotende Eshele owayengunozinti waleli qembu kudala.

FUNDA NALA: Isikhishiwe imiklomelo yabenza kahle kwi-PSL

IChiefs ibheke ukuqinisa kule mikhakha yomibili njengoba kuzovulwa iwindi lokusayinisa abadlali ngoJanuwari.