Uyelulama esibhedlela umdlali woSuthu ‘obephalaza igazi’
Umgadli waMaZulu FC, uBongi Ntuli, uyelulama esibhedlela kulandela ukugula isigubhukane ngasekuqaleni kwesonto.
Kuthiwa uNtuli waqala ukugula ngoSepthemba 25 ePolokwane ngesikhathi AmaZulu edlala nePolokwane City.
Ubesanda kushada ngesikhathi ekhala ngezinhlungu esifubeni, futhi wagcina engakwazanga ukudlala engakwazi ukudlala kulo mdlalo, kubika iZimoja.
UNtuli, oneminyaka engu-32, ushade nesikhulu esiphezulu seqembu uSinenhlanhla “Sne” Zungu ngasekuqaleni kukaSepthemba.
Kuthiwa uze waphuthunyiswa esibhedlela esizimele eThekwini ngoba isimo sakhe sibonakala sesisibi kakhulu.
Nakhona esibhedlela kuvela ukuthi kube nhlanga zimuka nomoya, waze wadluliselwa kwesikahulumeni iNkosi Albert Luthuli, ukuze ayohlinzwa ngokushesha.
“Uma ngikhuluma iqiniso besikhathazeke kakhulu ngoba lesi abekuso yisibhedlela esizimele,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Kusikhathaze kakhulu ukuthi adluliselwe esibhedlela sikahulumeni. Empeleni sibonga lesi sibhedlela nabasebenzi baso ngokusindisa impilo kaBongi.
“Umkakhe ubekhathazekile kakhulu yalento ebiyenzeka,” kuqhuba umthombo.
UNtuli ushade noSne oyindodakazi kamengameli woSuthu uSandile Zungu, ngenyanga edlule.
“Ngesikhathi iqembu lihlulwa yiMoroka Swallows ngo 2-1 ngoLwesihlanu lo mhla ka-29 kuSepthemba, emdlalweni weDStv Premiership, uBongi ubesaxinekile.
“Unkosikazi wakhe namanye amalungu omndeni bahamba baya eKapa eyokweseka usibali wakhe oyindodana kaZungu obeshadelwa.
“Kuthe uma bebuya lapho emshadweni eKapa kwaba kubi kakhulu, kulapho ephuthunyiswe khona esibhedlela esephalaza igazi,” kulanda lo mthombo.
Nokho isimo sesingcono kakhulu kuNtuli futhi kuthiwa useyelulama impela.
“Kunokukhulu ukukhululeka emndenini wakhe nokankosikazi wakhe. Ozakwabo nabo bebekhathazekile ngempilo yakhe, yingakho bebemvakashela njalo esibhedlela,” kusho umthombo.
Kuthiwa abadlali badonswa ngendlebe ukuthi bengalinge bayikhiphe le ndaba yokugula kukaNtuli.
Isikhulu sezokuxhumana kuMaZulu, uPhilani “Pro: Ndlela, sona kuthiwa sibhoke ngolaka uma sibuzwa ngalolu daba.
FUNDA NALA: Ukhale ngenomfi uBroos iBafana ibanjwa yi-Eswatini
“Kungani ufuna ukubhala ngomuntu osesibhedlela, ngebhadi ngeke siphawule,” kuthiwa usho kanje qede wavala ucingo lwakhe omfokaNdlela.