Ukhale ngenomfi uBroos iBafana ibanjwa yi-Eswatini
Iphinde yalahlisa ithemba iBafana Bafana kaHugo Broos ibambana ne-Eswatini ngo 0-0 emdlalweni wokuzwana amandla eFNB Stadium ngoLwesihlanu kusihlwa.
UBroos usale ekhala ngokuthi naye akazi le nomfi ebibambe abadlali bakhe beyivelephi kodwa nje uphoxekile ngokuthi behlulekile ukudlala.
I-Eswatini ikhombise ukuba nenkani yeselesele, ingayivumeli qobo iBafana ukuthi izenzele umathanda.
Yize ngokwezibalo iBafana kuyiyo ebiphethe ibhola isikhathi eside, kodwa indlela ebivimbe kahle ngayo emuva i-Eswatini alikho ibhola elike laxaka unozinti wayo.
Empeleni nje yiyo ebe namathuba okuthi abengathola igoli esiwombeni sokuqala, kwaso khona ukuthi inyukelwa ushukela uma seyisondela epalini likaVeli Mothwa.
Ngesikhathi sekhefu uBroos wenze izinguquko ezintathu. Ukhiphe oThemba Zwane, Teboho Mokoena noMihlali Mayambela.
Ezindaweni zabo kungene uMduduzi Mdantsane, Sibongiseni Mthethwa noBongokuhle Hlongwane. Lubonakalile ushintsho abangene nalo.
Nokho alusizanga ngalutho njengoba begcine behluleke bancama ukubhodloza udonga lwasemuva lweSihlangu seMnikati.
FUNDA NALA: I-PSL iqeda ukuqagela, yethula umklomelo weCarling Knockout
Empeleni nje yizo izivakashi ezicishe zalishaya igoli umdlalo sewusesikhathini esengeziwe, kodwa uNkosinathi Sibisi waqhamuka sekuvalwe amehlo ekhipha umhlolo ekhaya.