EzakamuvaIbhola

URulani useyoba uMlungisi emazweni kwi-Wydad AC

SIHLE NGUBO

URulani Mlungisi Mokwena, obengumqeqeshi weMamelodi Sundowns, usemenyezelwe ngokusemthethweni njengomqeqeshi omusha weWydad Athletic Club, yaseMorocco.

Ngokwemibiko yakamuva lo mqeqeshi oneminyaka engu-37 ubekelwe etafuleni inkontileka yeminyaka emithathu yiWydad. Leli qembu belisanda kuhlukana nobengumqeqeshi uJuan Carlos Garrido, ohluleke ukulifaka kwiCaf Champions League yangesizini ezayo.

Ukushiya kukaMokwena kwiSundowns kushiye imibuzo ngokuthi angakwazi yini ukuyibamba ishisa kwelinye iqembu. Kuvele ukuthi kube khona ukungaboni ngaso linye phakathi kwakhe noFlemming Berg, oyiSporting Director yeSundowns.

Kukholakala ukuthi ukuhamba kukaMokwena kuncikene nokuhluleka ukwenza kahle kwiCaf Champions League lapho iSundowns iphume khona kweyandulela owamanqamu iminyaka emibili ilandelana. Ngaphandle kwalokho Abafana Ba’Style bashaywe yi-Orlando Pirates kowamanqamu weMTN8 noweNedbank Cup ngesizini edlule, nokuyinto okungenzeka ukuthi ayehlanga kahle kubaphathi beqembu.

UMokwena ushiye kwiSundowns enqobe iDStv Premiership, nobese kungokwesikhombisa iqembu linqoba leli sicoco kulandelana. Uphinde wanqoba i-African Football League ebidlalwa okokuqala ezwenikazi i-Afrika.

I-Wydad ivule izandla ukuthi uMokwena afike nethimba lakhe labaqeqeshi. USiyethemba Badiba, obengumqeqeshi weSundowns kwiDStv Diski Challenge (DDC), kukholakala ukuthi ungomunye walabo abazokuba sethimbeni lukaMokwena. Lo mqeqeshi usesulile kwiSundowns.