EzakamuvaIbhola

IBafana imphoxile, yamembula izinqe uBroos

UHugo Broos usale ejabhile ngeqembu lakhe leBafana Bafana ngemuva kokuthi lihlulekile ukunqoba libhekene ne-Eswatini emdlalweni wobungani obuseFNB Stadium ngoLwesihlanu kusihlwa.

“Ngiphoxeke kakhulu,” kusho uBroos kwabe-SABC Sport ngemuva komdlalo.

“Angiqondi ukuthi kungani iqembu lidlale kanje. Ngesiwombe sokuqala, bekungekho mdlandla, kungekho sigqi, angazi ukuthi bekwenzekani. 

“Ngithe uma kuyiwa ekhefini sakhuluma nabo, ngaba nethemba lokubona iqembu elingcono kodwa isiwombe sesibili besifana ncamashi nesokuqala.”

UBroos wenze uguquko, wafaka abadlali abathathu ngesikhathi sekhefu. Ufake oBongokuhle Hlongwane, Mduduzi Mdantsane noSibongiseni Mthethwa kodwa umehluko ube mncane kakhulu. 

“Bekufanele ngeenze okuthile,” kusho uBroos ngalezi zinguquko.

“Umdlalo wethu esiwombeni sokuqala ube yinhlekelele. Sakhe ithuba elilodwa lokushaya igoli, futhi saba nelinye imizuzu engu-20 ngaphambi kokuphela komdlalo. 

“Ngale kwalokho bekungekho lutho. Besingeyona ngisho ingozi, ngayo yonke inhlonipho, kodwa besidlala ne-Eswatini!”

UBroos ngeke abe naso isikhathi esanele sokulungiselela iqembu lakhe ukuthi lidlale kangcono njengoba lizobhekana ne-Ivory Coast e-Abidjan ngoLwesibili.

FUNDA NALA: Uyelulama esibhedlela umdlali woSuthu ‘obephalaza igazi’

Naye ukuvumile ukuthi uma bezobhacaza kanje nakwi-Ivory Coast, bazobuya bephoxeke ngendlela engachazeki.