UMotsepe uyalivuma ‘igoli’ leYanga elaphikwa
Sekuvele ukuthi umengameli weCaf, uPatrice Motsepe – owake waba ngumengameli weMamelodi Sundowns – ulivumile igoli elasusa umsindo liphikwa.
Leli goli lashaywa yiYoung Africans ngesikhathi ibhekene neMamelodi Sundonws emdlalweni weCaf Champions League.
Lashaywa umgadli u-Aziz Ki kanti ukube labalwa, lalizoyikhipha iSundowns kulo mqhudelwano, kudlulele phambili iYanga.
Yize igoli lalilihle, kodwa alizange libalwe, futhi onompempe abazange bazihluphe ngokuyobheka kwi-VAR ukuthi ithini.
ISundowns yagcina isale endleleni kulo mqhudelwano ngesikhathi ishaywa yi-Esperance ngo 2-0 kowandulela owamanqamu.
Manje iGoal South Africa ibika ukuthi uMotsepe ulivumile leli goli ngesikhathi eseTanzania emidlalweni yeCaf African Schools Championship.
“Ngatshela umengameli uWallace (Karia weYanga) ngesikhathi sihlangana ngemuva komdlalo phakathi kweMamelodi Sundowns neYoung Africans ngathi, ‘ngicabanga ukuthi bekuyigoli’.
“Manje umengameli weCaf akumele aphawule, kodwa uyazi,” kusho uMotsepe kuCaf Schools Football Championship eTanzania.
“Kumele ngihloniphe yonke imigudu nemibandela – kodwa uma ngibukela njengomlandeli webhola, kwakuyigoli.
“Kodwa-ke, kufanele silandele futhi sihloniphe imithetho, i-VAR… Okusemqoka wukuthi abalandeli baneliseke.
“Sizibophezele ekuqinisekiseni ukuthi ubuqotho, ukuzimela konompempe, nabaphathi bemidlalo, neVAR kusezingeni lomhlaba.
FUNDA NALA: I-Brave Warriors igabe ngabe-PSL kweyeNdebe yoMhlaba
“Futhi siqinisekise nokuthi sitshala imali eningi ngoba inamuhla limayelana nokutshalela ikusasa lethu nokuthuthukisa instsha yethu,” kuphetha yena.