UDladla uqhathe uBig Zulu emizamweni yokuvusa isibhakela eKZN
ALFRED NGUBANE
UHlula Dladla usezinhlelweni zokubuyisa abaxhasi esibhakeleni KwaZulu-Natal njengoba babaleka eminyakeni edlule.
UDladla usanda kuqokelwa esikhundleni esiphezulu sokuba ngusihlalo wabahleli bezimpi eKZN.
Emizamweni yakhe yokubuyisa isasa esibhakeleni, usondeze umculi odumile wakuleli uBig Zulu noPhumlani Njilo ongusomabhizinisi waseMgungundlovu.
Uhlele impi la lezi zinsizwa zizokhiphana khona inkani eringini, empini okulindelele ihehe izinkumbi zabalandeli.
Ngesikhathi kwethulwa lezi zindaba, ubekhona uBig Zulu futhi uthembise ukuthi impi uzoyoqeda emzuliswaneni wesibili.
Uthe ingqakala izothamela ilanga kuNjilo. “Impi izophela emzuliswaneni wesibili, kunyuke amagama kube sekuphelile njalo ngoNjilo,” kusho uBig Zulu.
“Emzuliswaneni wokuqala ngizobe ngisafuna ukumbona ukuthi uza naliphi iqhinga lokulwa, bese kweyesibili ngimqumbe phansi.”
UNjilo, eziphendulela, uthe nguye ozothela uBig Zulu othulini ngomzuliswano wesithathu.
“Intshebe izobheka phezulu, ngizomenza isilo sengubo njengoba ezongithatha kancane.
“Mina nginawo amava kwezamankomane njengoba ngadlala emazingeni aphansi. Ngalwa izimpi eyisithupha, nganqoba ezine.
“Ngahlulwa kweyowodwa, ngadlala ngokulingana kweyodwa. Nginxusa abalandeli beNkabi Nation ukuthi baphelele ngobuningi bezophoxeka ngosuku lwempi bebona iqhawe labo libhekalilala lingandlalelwe,” kuchaza uNjilo.
UNjilo nguye ocele inselelo kuBig Zulu osanda kunqoba impi yakhe yokugcina ngomgqimuzo womlalisaphansi.
Lezi zizoba zivulela impi enkulu yosuku yebhande lakuleli esigabeni seJunior Featherweight phakathi kukaZoliswa Batyi ongumpetha noLindelani Sibisi ofake inselelo.
Enye impi ezobakhona ngekaPhelelani Khumalo ozotholana phezulu noSimphiwe Mbhele.
Ayikakhishwa indawo lapho zizolwela khona lezi zimpi. Ngokusho kukaNsikayezwe Sithole oyisikhulu esiphezulu kwiBoxing SA bazomemezela maduze nje ngendawo.
IVIDIYO: Umqeqeshi wele-PSL eklinya umfana wesikole
Zonke lezi zimpi ziqhathwe yiHlula Dladla Boxing Promotion.