Ngabe iDowns seyimbulele iBucs ingubo ukuthi ingene ’embhedeni’ wayo?
SIHLE NGUBO
Umbango wesicoco seBetway Premiership ubukeka uzohamba uze ufike ekugcineni kwemidlalo yeligi ngoMeyi 23, sekusongwa iligi.
Lo mbango ubukeka sewuphakathi kweMamelodi Sundowns, engompetha beligi, ne-Orlando Pirates okuyimanje isesicongweni kwilogi yePremiership.
NgoLwesithathu iSundowns ilahle amaphuzu ibambana neStellenbosch FC ngo 1-1 eLoftus Stadium, ePitoli.
Lokhu kwenze ukuthi ompetha beligi baqhubeke nokuhlala endaweni yesibili njengoba besele ngemuva ngephuzu elilodwa kweZimnyama.
Nokho iSundowns isenethuba elihle lokugudluza iPirates esicongweni ngoba isele ngemuva ngomdlalo owodwa.
Ngesikhathi ibhekene neStellies izenzele phansi ngokungashayi elinye igoli kade seyihamba phambili ngo 1-0, yize yakhe inqwaba yamathuba.
Kunalokho Abafana BaStyle benze iphutha lokudala iphenathi ngemizuzu yokugcina, wayibeka phakathi uTshegofatso Mabasa obolekiswe yiPirates kwiStellies.
U-Aubrey Modiba uzwakalise ukudumala okukhulu ngokuthi badedele amaphuzu amabili kulo mdlalo.
“Ngizizwa ngendlela exubene. Angazi nokuthi ngibe kanjani umdlali ovelele kulo mdlalo,” kusho uModiba othole umklomelo womdlali ovelele, kwiSuperSport TV ngemuva komdlalo.
“Ngiphoxekile ngokuthi silahle amaphuzu amabili kodwa sizolithatha iphuzu elilodwa, lingase lisho lukhulu ukuya phambili.
“Umqeqeshi ubesitshele ukuthi sishaye amanye amagoli ukuze sizibeke esimeni esingcono.
“Ngebhadi asikwazanga ukwenza lokho, sadala iphenathi emizuzwini yokugcina. Kube yiphutha lethu sonke njengeqembu.”
iPirates inethuba lokuvula igebe esicongweni njengoba izobhekana neKaizer Chiefs emdlalweni womkhaya eFNB Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama.
Ngakolunye uhlangothi iSundowns izovakashela iRichards Bay FC ngeSonto ngo-5.30 ntambama, eMhlathuze Sports Complex.
Kule nkundla akubuyeki namaphuzu aphelele kalula nokuyinto okumele ukuthi iyazi kahle iSundowns.
iPirates ibambane neNatal Rich Boyz ngo 2-2 khona eMhlathuze, kanti iChiefs ishaywe ngo 1-0 kuyona le nkundla.
Konke kukhomba ukuthi imidlalo yeBetway Premiership ka-2025/2026 izovalwa bemincile abalandeli beSundowns nabePirates.
Kade kwagcina ukwenzeka lokhu njengoba iSundowns ibivele iqede ngesicoco seligi kusasele imidlalo eminingi, kumasizini edlule.

