EzakamuvaiDStv Premiership

IBucs neStellies badlala umalingisana ngokushaywa 

I-Orlando Pirates neStellenbosch FC, abafuni nhlobo ukudlulana kwilogi yeDStv Premiership ka-2023/24.

La maqembu asejwayele ukuthola imiphumela efanayo uma kade edlala ngesikhathi esisodwa kweyeligi.

Kwakubhekwe ukuthi izinto zizoshintsha kwilogi ngesikhathi iStellies izobhekana neMoroka Swallows, kanti iPirates yayizodlala neRichards Bay FC.

Okwenzeka ukuthi ezikaSteve Barker zathola induku ka 2-0 ivela kwiSwallows, kwathi iBucs yashaywa yiNatal Rich Boyz ngo 1-0.

NgoMgqibelo abalandeli beBucs bebefuna kunqobe iMamelodi Sundowns ngesikhathi ibhekene neStellenbosch, ukuze bayidlule. Ikwenzile lokho iSundowns inqoba ngo 1-0 kodwa nePirates yashaywa yiTS Galaxy ngo 1-0.

Indlela okwenzeka ngayo ungafunga ukuthi la maqembu ayalingisana njengoba evele ashaywe womabili, kungabi khona umehluko kwilogi.

Nombango womgadli onamagoli amaningi wenza okufanayo kula maqembu. OTshegofatso Mabasa weBucs, onamagoli angu-15, no-Iqraam Rayners weStellies onangu-14, behlulekile ukwengeza emagolini abo kule mpelasonto.

Njengamanje iStellies isendaweni yesibili ngamaphuzu angu-50, kanti iBucs isendaweni yesithathu ngawu-49. Kubukeke kuzophela kanje uma kubhekwa indlela izinto ezenzeka ngayo kula maqembu.

Iqembu elizoqeda endaweni yesibili lizodlala kwiCaf Champions League, kanti elizoqeda kweyesithathu lizoyibamba kwiCaf Confederation Cup.