UNjabulo Ngcobo ufuna ukuhlala alwele indawo yakhe kwiChiefs
By Sbongs Gumbi
Ukuthole kunzima ukuthola indawo eqenjini eliqala imidlalo uNjabulo Ngcobo kwisizini yakhe yokuqala kwiKaizer Chiefs futhi kunezinsolo zokuthi angase adedelwe.
Kodwa noma kunjalo kuvela ukuthi yena usazimisele ukuhlala kuleli qembu alwele indawo yakhe yize umbango uzoshuba kakhulu ngesizini ezayo.
IChiefs seyivele iqinisile kulo mkhakha njengoba seyisayine uGiven Msimango obekwiTS Galaxy noThatayane Dithlokwe obekwiSuperSport United.
Lokhu kwenza kucace ukuthi abadlali abafana naye uNjabulo Ngcobo kungenzeka baphinde balizwe ngendaba ijezi.
Lo mdlali ubeneshwa lokuthi noma enikiwe ithuba lokudlala bese enza amaphutha agcina elifake enkingeni iqembu.
Kodwa ngokokusho kwabenkampani emphethe iKnowledge Sports, yena usazimisele ukuhlala kuleli qembu.
“Akukho okusha ngoNjabulo Ngcobo,” kucashunwe okhulumela le nkampani uMpendulo Nyuswa esho kanje kwiFAR Post.
“Usasalelwe wunyaka njengoba inkontileka yakhe izophela ngoJuni wonyaka ozayo. Uzohlala futhi uzokulwela ukudlala.
“Uma ethola ithuba, uzokulwela indawo yakhe. Ubengakasitsheli lutho ngokuthi simfunele kwenye indawo. Ufuna ukulwela indawo yakhe.”
Nokho uNyuwa ubuye wakuveza ukuthi uma kuvela iqembu elithi liyamfuna lo mdlali ngeke bangalilaleli. “Asisho ukuthi uma kuvela ithuba sizonqaba.
Uphinde waveza ukuthi akukhona okokuqala uNjabulo Ngcobo ezithola esesimweni sokunyiwa yisikimu kanjena.
“Useke waba kulesi simo, akaqali ukubhekana naso. Sikholwa wukuthi uzofuna ukuhlala alwe nakhona.”
Sekuke kwavela ke nokho ukuthi iqembu abesuka kulo eza kwiChiefs, iSwallows FC icuthile ukuthi uma ededelwa igxume ihlale.
FUNDA NALA: IMamelodi Sundowns izoshwebisa ezaseSoweto ngoweStellies?
Wadlala kahle kakhulu kwiSwallows waze waqokwa njengesitobha esasivelele kumasizini amabili edlule.
NaMaZulu FC neSekhukhune United nabo bayabalwa emaqenjini azibhekile kulo mdlali uma egcina ngokukhululwa eNaturena.