EzakamuvaIbhola

Ingulube ibuyele odakeni kuduka umqeqeshi kuMaZulu

ALFRED NGUBANE

UMbulelo Mabizela, ongumqeqeshi wabafana abaneminyaka engaphansi kuka-13 kuMaZulu FC kuthiwa unyamalele, akaziwa ukuziphi izinkalo. 

Leli qembu beliyingxenye yamaqembu abenemindlalo ebibanjelwe ePallock eThekwini, kodwa yena ubengabonwa nangokhalo. 

Impempe ibe seyithola ngthombo wayo ukuthi uMabizela uvele uza uma kuthanda yena emsebenzini. 

UMabizela, nezinye izinkakha zebhola lakuleli ezaduma emaqenjini amakhulu aseSoweto o-Andile Cele noReneilwe Letsholonyane, uqashwe ngesizini edlule kuMaZulu. 

Uqashwe ngesikhathi leli qembu lihlela kabusha izinkulisa zalo, kuxoshwa abaqeqeshi abese benesikhathi bekuleli qembu. 

“Ngila emidlalweni yeLFA ePallock. Kudlala AmaZulu u-Under 13, angithi umqeqeshi wabo uMbulelo Mabizela? 

“Kuthiwa akaziwa ukuziphi izinkalo. Ujwayele ukufika noma yikanye ejimini uma ezwe ethanda ngalelo langa,” kusho lo mthombo.

UMabizela wazakhela igama kwiMaritzburg City okwenza i-Orlando Pirates yagxuma yamsayina esengumfanyana. 

Wadlala kahle kuyo waze waheha iTottenham Hotspur yase-England nakhona wafike wadlala kahle kodwa kwasho khona ukuthi ukuziphatha kuyamehlula. 

Wagcina ehlulekile, wabe esebuyela kuleli wafike wadlala kwiMamelodi Sundowns, nakhona esaqhubeka ukuzenzela umathanda. 

Ukusuka lapho udlale kwiPlatinum Stars, Bidvest University, Royal Eagles wagcina ekuwo AmaZulu okuyila ewabeke khona ethala amakhokho. 

Uqashwa kuMaZulu nje bese kunezinsolo zokuthi udonsa kanzima, isimo singesihle kwezomnotho. 

UMabizela, oke waba ngukaputeni weqembu lesizwe iBafana Bafana, ungomunye wabadlali ababengaconsi phansi kubaladeli. 

Wayedlala ibhola elinenkosi phakathi futhi engumholi oqavile enkundleni. Kuningi akwenzile okuhle ebholeni lakuleli njengoba wayedlala ngokuzinikela nangokuzikhandla. 

Kodwa kungaphandle kwenkundla lapho bekufike kuphambane khona izinto, alahleke engaziwa uyephi bese kuvela ukuthi ubezidlela impilo nabangani. 

Njengoba esekhulile, Usuthu belwethembe ukuthi nempilo ayiphilayo seyijikile futhi uzoba yisibonelo esihle kubafana abaqeqeshayo. 

FUNDA NALA: Ngiphethe uHalaand uqobo la kuMabasa, kusho uKomphela

Bekulindelwe ukuthi uzobafundisa ngadlula kukho yena okwamlahlekisela ngamathuba ukuze bona bakugweme.