ISuperSport icathamela Usuthu ngestina ngomdlali weBafana
Intatheli yeMpempe
ISuperSport United ingase ishaye AmaZulu FC ngestina, ‘intshontshe’ umdlali wasemuva weBafana Bafana uSiyanda “Magazi” Xulu, imuse ePitori.
AmaZulu yiwona abephambili embangweni wokusayina lesi sitobha kodwa okuvela kamuva wukuthi izinto sezijikile njengoba iSuperSport sekuyiyo ebukeka izomthola.
UXulu uhlale unyaka owodwa e-Azerbaijan edlala kwiTuran Tovuz, kodwa ngokuphela kwenkontileka yakhe lo mdlali wasemuva ube eseshiya, efuna ukuzodlala ekhaya.
Ngokubika kwabeSABC Sport, isikhulu seSuperSport, uStan Matthews, siqale saqinisekisa ukuthi iqembu laseTshwane seliphumile kulo mjaho.
Lokhu kushiye AmaZulu engasenayo imbangi kulo mbango. Futhi bekubukeka kuzoba lula kuwo ngoba uXulu udabuka khona eThekwini, kwaMashu.
“Asizange sibe nethuba lokumbheka futhi asazi ukuthi isimo sakhe sinjani noma unezinye izinhlelo asezihlelile.
“ Ungumdlali ebesizimisele ukuthi simbheke kodwa sesibheke kwabanye abadlali basemuva abahlanu,” kuchaza uMatthews.
“Yindawo ebesifuna ukuqinisa kuyo futhi kunomfana wakuleli kodw aoke wadlala eCyprus esimbhekayo,” ucashunwe esho kanje uMathews.
FUNDA NALA: UJohn Maduka uzoqala isiko leRoyal AM ngabafana abancane
Nakuba uMatthews ebekhuluma kanje ekuqaleni, kodw amanje kubukeka esejike umqondo njengoba esemfuna uthuli uXulu.