EzakamuvaIbhola

Uyavutha umbango weChiefs, Pirates neRoyal AM ngomdlali

IRoyal AM isiqinise imizamo yayo yokugcina umdlali ohalelwa yizinkunzi zaseSoweto, i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs.

Impempe ithole ngomuntu osendelene nabaphethe uShaune Mogaila ukuthi baphithene amakhanda ngekusasa lakhe. 

UMogaila ungomunye wabadlali abenza kahle kwiRoyal AM yize idonsa kanzima kule sizini.

Manje abaphathi kumele bamsize athathe isinqumo esifanele ngokuthi uyahlala kuleli qembu lezimpunyela zaseThekwini noma uyashiya.

IKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates nabo bazibhekile kulo mdlali okwazi ukudlala ophikweni ehlasela, noma evimba emuva.

“IKaizer Chiefs, Orlando Pirates neRoyal AM basembangweni ovuthayo wokusayina uShaune Mogaila,” kusho lo mthombo.

“IRoyal AM yenza konke engakwazi ukukwenza ukugcina lo mdlali futhi nezingxoxo zisaqhubeka – kusewumdonsiswano. 

“Inkinga abaphathi banobudlelwano obuhle noMaMkhize (uShauwn Mkhize ongumengameli weRoyal AM) manje abafuni ukumphoxa.

“Kodwa futhi kumele bacabangele umdlali ukuthi yithuba okungase kube elokugcina leli lokuthi naye ayodlala eqenjini elikhulu.

“Bobabili iChiefs nePirates sebesivezile isifiso sabo sokuthola lo mdlali odle nangejubane,” kuqhuba lo mthombo.

UMogaila, oneminyaka engu-28, usedlale imidlalo engu-15 yeRoyal AM kwiligi kule sizini futhi ungesinye sezethenjwa zeqembu.

Sibe sesibuza kulo mthombi ukuthi njengoba iRoyal AM inesigwebo seFifa esiyivimba ukusayina abadlali uzoyisayina kanjani inkontileka entsha.

“Hhayi, ilula. Isigwebo asibathinti abadlali abavele bakhona ngaphakathi eqenjini.

“Uma bevuselela inkontileka akonakali lutho ngoba usuke evele kade esemabhukwini eqembu lowo mdlali.”