EzakamuvaIbhola

UBenni McCarthy ufuna iPirates ibuyise ‘umsoco’ weligi kuleli

By Sbongs Gumbi

Owayengumgadli we-Orlando Pirates futhi manje osethimbeni labaqeqeshi kwiManchester United uBenni McCarthy useveze imizwa yakhe ngokuwina kwezakhe zakudala izindebe ezimbili. 

Akumchazange ke nokho kangako lokho uBenni McCarthy njengoba yena ethi engancamela ukuthi iPirates ihubhe isicoco seDStv Premiership. 

Ufisa iqede ukuzenzela kweMamelodi Sundowns esicocweni seligi kuleli ngokuthi nayo isilwele lesi sicoco. 

“Udlala kahle unyaka wonke ukuze uwine iligi… Ngakho ukuwina iMTN8 kuhle, ukunqoba iNedbank Cup nakho kuhle,” usho kanje uBenni McCarthy kwiMarawa Sports Worldwide kuleli viki.  

“Kodwa ngicabanga into enkulu wukujaha isicoco seligi. Babe nesizini enhle, kodwa uma ubheka izinga abakulo lokho akwanele. 

“Kufanele ngabe babangisa iSundowns kuze kube sekugcineni. Kumele ngabe umbango uyashuba hhayi lokhu okwenzekayo,” kuchaza le nsizwa eke yaqeqesha kuleli ngaphambi kokubuyela phesheya. 

ISundowns inqobe isicoco sayo seligi sika-13, obekungesesikhombisa kulandelana, kusasele imidlalo eyisithupha kusongwe imidlalo yeligi. 

IPirates iqede endaweni yesibili kodwa beyisalele ngembudlu yamaphuzu angu-16 kompetha. Lokhu kuveza ukuthi ayizange iyibangise iSundowns. 

“ISundowns seyiwuphendule umjaho wehhashi elilodwa umbango wesicoco seligi yethu njengamanje. Sengethemba ukuthi lokhu okwenziwa wumqeqeshi wePirates kuzokwenza ikwazi ukufaka inselelo. 

“Kubuyele kule ndlela okwakuyiyo phambilini la sasinamaqembu amane ayehlezi ebanga lesi sicoco futhi ungazi sizophelelaphi. 

“Sasihlezi sibangwa kuze kube sekugcineni kodwa manje sekuhlezi kusobala ukuthi siya kuphi kanti lokho kuqeda ubumnandi,” kusho uBenni McCarthy.

Unxenxe namanye amaqembu ngale kwePirates ukuthi anyuse izinga ukuze avimbe le mbuso weSundowns ungaqhubeki.

“Lawa amanye amaqembu kumele enyuse amasokisi ukuze abe ngcono bese ekwazi ukulwela isicoco seligi, enze umbango ube ngcono kunalokhu oyikho. 

“Njengamanje sewuyazi ukuthi iSundons ngisho inganikwa isicoco ngemuva kwemidlalo yokuqala ngeke kujike lokho.” 

FUNDA NALA: UHugo Broos uveza okwenze wagabha uLyle Foster kwiBafana

Umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro naye ukuvezile ukuthi isifiso sakhe esikhulu wukuthi bathole isicoco seligi ngaphezu kwalezi abazithilile kulokhu.