EzakamuvaIbhola

IRoyal AM izodlelwa impahla ngesikweletu sentela 

Iqembu elidume ngokuthi ngelabaphathi abadla izambane likapondo, iRoyal AM, libhekene nezingqinamba zezimali ezikhulayo njengoba sekuphume isinqumo senkantolo sokuthi idlelwe impahla. 

Le mpahla ezoshqwa kuzobe kuhloswe ukuba kukhokheleke isikweletu sika-R37 million esikweletwa iSars.

INkantolo eNkulu yaKwaZulu-Natal ikhiphe lo myalelo ngemuva kwezinsolo zokuthi le kilabhu ibalekela ukukhokha intela futhi yashaya indiva umyalelo wenkantolo wangaphambilini.

IRoyal AM, esivele ibhekene nolunye utalatiya ngokukhokhelwa kukaSamir Nurkovic, manje isizithola isenkingeni ejulile.

Ukuze sithole ukuqonda okucacile mayelana nemiphumela yale ncwadi, Impempe ixhumana nochwepheshe wezomthetho. 

Isazi sezomthetho, esifisa ukungadalulwa, sinikeze umbono waso ngalolu daba, sithi ibucayo lento ebhekene neRoyal AM.

“Okushiwoyo ukuthi, iRoyal AM iqale yehluleka ukukhokha u-R37-million kwaSars ngemuva komyalelo weNkantolo eNkulu,” kusho lo mmeli. 

“Futhi ngenxa yokuthi behlulekile ukukandela umyalelo wenkantolo, abakwaSars manje sebethole incwadi egunyaza ukuthi bashaqe impahla yeqembu njengamakhompyutha namabhasi kulelo kheli (elikule ncwadi).

“Inzalo izoqala ukusebenza kusukela ngoNovemba 1,” kwengeza ummeli. Ngakho-ke yisiphi isimo esibi kakhulu kule ndaba?

“Isimo esibi kakhulu: Uma izimpahla zingafiki ku-R37-million okweletwayo, ngokulandelayo bazoshaqa ama-akhawunti asebhange eqembu.

“Lokhu kusho ukuthi noma iyiphi imali ekhokhwa kwi-akhawunti yabo, uSars uzoyithatha. Lokho kuhlanganisa nesibonelelo sePSL.

“Uma ingeneli imali yabo nalapho, abakwaSars bazobe sebejikela kubaqondisi benkampani futhi uma nabo behluleka ukukhokha isikweletu sentela, abakwaSars bazoyivala inkampani.”

FUNDA NALA: Izinkakha ezingothisha nohlelo lokuthuthukisa imidlalo KwaMashu

Iqembu alitholakalanga ngesikhathi sokushicilela ukuthola umbono walo ngalolu daba.