Yini ejikile ngoSirino kwiDowns, uMokwena uyachaza
UGaston Sirino, umdlali wasesiswini obezwakalise isifiso sakhe sokushiya kwiMamelodi Sundowns, ubuye wenza izimanga ekhipha leli qembu ehlazweni.
Lo mdlali omfishanyana ushaye igoli lokulinganisa sekubalwa amanenjana umdlalo uphele iSundowns ibhekene neTS Galaxy kwiCarling Knockout ngoLwesithathu.
Umdlalo uphele ngo 2-2, futhi imizamo kaSirino ivele yaphenduka izithukuthuku zenja, iphelela emoyeni njengoba iSundowns igcine iliwashile ijezi.
Kodwa ukubuyiswa kwakhe eqenjini cishe yinto ezobajabulisa abalandeli baleli qembu kwazise bese kuke kwanezikhalo ngaye.
Ngaphambilini, uSirino wayecele ikilabhu ukuthi imkhulule uma kufika elinye lizofaka isicelo sokumthenga.
Bekubhekwe ukuthi kube yi-Al Wahda yase-UAE eqeqeshwa ngumqeqeshi wakhe wakudala uPitso Mosimane efikayo izomfuna.
Nokho ngokusho komqeqeshi uRulani Mokwena, uSirino ushintshe inhliziyo wacela uxolo eqenjini, waveza isifiso sokuqhubeka adlale kwiSundowns.
Kule sizini uSirino ubengakaze abonakale emidlalweni yaleli qembu. Kukholakala ukuthi iqembu belilungiselela ukujwayela impilo engasekho yena.
“Impilo iyakuklomelisa uma wenza okuhle, iqembu lenze okuhle ngokwamukela isixoliso sakhe (uSirino),” kusho uMokwena ngemuva komdlalo.
“Nomdlali wenze kahle ngokuxolisa nokubona amaphutha akhe. Kunjalo-ke, uNkulunkulu nemvelo bayakuklomelisa uma wenza okuhle – uthola umvuzo.
FUNDA NALA: Ibhola alibadingi abantu abenza njengoZungu noMokwena
“Ukhombise ukuqina okukhulu, ukuzethemba nesimo sengqondo esihle nokuhlezi ezimisele ukulwela iqembu.”