Ibhola alibadingi abantu abenza njengoZungu noMokwena
SIHLE NGUBO
Kunobhutshuzwayo kumele kukhunjulwe ukuthi akuliwa kodwa kudlalwa ibhola ngendlela enokuhloniphana nokwazi ukuthi wonke umuntu usuke eze enkundleni ngenhliziyo emnene.
Yingakho nje nabalandeli behlale bekhunjuzwa ukuthi asikho isidingo sokuxabana, ukuthukana nokugwazana ngoba nakhu kubangwa amaqembu ebhola.
Kuba kubi kakhulu nokho uma lokho sekwenziwa abanini balo ibhola – okungabadlali, abaqeqeshi kanjalo nabaphathi bamaqembu.
Emdlalweni weBlack Label Knockout phakathi kweMamelodi Sundowns neTS Galaxy, kudwebeke isithombe esimbi nesingafuneki nakancane nje ebholeni lethu.
Kube buhlungu ukubona uBernard Parker ephuka phoqo ngemuva kokudlaliswa kabi uBongani “Ben 10” Zungu.
Nokho okuphoxe kakhulu yindlela enze ngayo uZungu, ekhombisa ukungabi nandaba futhi wangaxolisa kuParker ngokumlimaza.
Kunalokho uZungu uyena obhoke ngolaka waze wakhuzwa yibhentshi lakhe ngemuva kokuthola ikhadi elibomvu.
Yinto okumele imshayise ngamahloni kakhulu lo mdlali ngoba akakhombisanga ukuba nomoya omuhle lo esiwudingayo kunobhutshuzwayo.
Kube kubi kwaya phambili uRulani Mokwena engayithi vu eyokuphuka kukaParker ngesikhathi esekhuluma ngemuva komdlalo.
Kunalokho uvele wakhuluma ngokuxinwa kweSundows yimidlalo okuyisimo abazifake bona kusona.
IPremier Soccer League (PSL) ibingafuni iSundowns idlale kwiCaf African Football League kodwa yalwa kwaze kwangenelela umnini wayo ongumengameli weCaf, uPatrice Motsepe.
Umbuzo kaMokwena othi yiliphi iqembu elidlala kusaphele usuku kudlule ikhefu leFifa nawo uyadida.
Angithi lokho bekwenzelwa yona iSundowns okumele iyodlala e-Angola ngoMgqibelo.
Mhlawumbe yiTS Galaxy obekumele ikhononde ngalokho ngoba ayihlangene nokuminyana kwemidlalo yeSundowns.
Angazi ke noma uPhumlani Msibi ubesaba yini ukubuza uMokwena ngoParker njengoba naye engawuphonsanga umbuzo mayelana nalesi sigameko esinyantisa igazi.
Nalapho kodwa uRulani Mokwena bekumele ayikhulume le ndaba futhi amxolisele uZungu, ngaphandle kokubuzwa uMsibi.
Unakho ke vele ukuziphakamisa uMokwena
Kuyaziwa ukuthi uMokwena unakho ukuziphakamisa kodwa ngesinye isikhathi kumele uzehlise, ikakhulukazi uma kulimele umuntu ngendlela okulimale ngayo uParker.
Lo mgadli oke wayibamba kwiKaizer Chiefs isikhathi eside kungenzeka ukuthi sekuphelile ngaye ebholeni ngoba iminyaka isihambile njengoba esena-37 weminyaka.
Ngiyazi abanye bazobuza umbuzo othi akagxekwa ngani umqeqeshi weTS Galaxy ngokwenqaba ukukhuluma ngemuva komdlalo.
Yena wonile impela futhi bekumele athumele iphini lakhe uma ezwa ukuthi usadiniwe futhi uzoze akhulume azozisola ngakho.
Nokho okukaRulani Mokwena kuyashaqisa futhi kushiya imibuzo ngendlela alibuka ngayo ibhola nenhlonipho alinika yona.
FUNDA NALA: UNtseki uveza okumlalisa obenyoni ngeChiefs
Akasona neze isibonelo esihle kulabo abasakhula ababukela kuyena, nabancoma umsebenzi awenzayo kwiSundowns. Shwiii!