EzakamuvaIbhola

Isililo sePSL kushona inkakha yePirates neBafana

SIHLE NGUBO

Sekudlule emhlabeni inkakha ye-Orlando Pirates uPhil “Mr Jones” Setshedi owake waba nayimenenja kwiBafana Bafana.

USetshedi wayeyisiqongqwane sasemuva kwiBucs futhi engukaputeni. Wake waba ngumqeqeshi khona esadlala futhi ngaphansi kwakhe iPirates yake yadonsa imidlalo engu-17 ingayazi induku. 

Omunye waleyo midlalo abawudlala neMoroka Swallows kwiMainstay Cup lapho bawina khona ngo 3-2.

Kunabafana abakhula ngabo-1970 no-1980 abaqanjwa ngokuthi oJones kususelwa kuyena uJones Setshedi.

IPremier Soccer League (PSL) ikhiphe isitatimende ikhalisana nomndeni wakwaSetshedi. 

Iqinisekise ukuthi kuzoba nemizuzwana yokuthula ngaphambi kwemidlalo yeCarling Knockout ngempelasonto. 

FUNDA NALA: Yini ejikile ngoSirino kwiDowns, uMokwena uyachaza

Alale ngokuthula uMr Jones uyinkakha engangatshazwa.