EzakamuvaIBetway Premiership

IBucs kulindeleke izihubuluzele isobho kwiChilli Boys

SIHLE NGUBO

I-Orlando Pirates inethuba elihle lokulinganisa amaphuzu ayo nawompetha beligi iMamelodi Sundowns, uma seyitholana phezulu neChippa United emdlalweni weBetway Premiership, e-Orlando Stadium, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.

IBucs izoya kulo mdlalo weligi inamaphuzu angu-22, kanti ukunqoba kuzosho ukuthi izobe isinamaphuzu angu-25, azobe elingana naweSundowns.

Irekhodi leZimnyama lihle kakhulu uma zibhekene neChilli Boys, uma kubhekwa imidlalo esike yadlalwa yila maqembu.

IPirates ivele seyike yayithela isibhaxu iChippa njengoba iyibhaxabule ngo 3-0 emdlalweni womzuliswano wokuqala, eNelson Mandela Bay Stadium, ngasekuqaleni kwesizini.

Ukunqoba kweBucs ngoLwesibili kungasho ukuthi sekungokwesihlanu kulandelana ishaya leli qembu elicijwa uVusumuzi “Kanu” Vilakazi.

IChilli Boys ikuthola kunzima ukushaya eZimnyama kule minyaka edlule, selokhu la maqembu aqala ukubhekana.

IPirates seyinqobe imidlalo engu-18 kwengu-25 yeligi, yashaywa emine kuphela, kwathi emithathu yaphela ingekho egobe uphondo.

Igcina iChippa ukunqoba kwiBucs kwakuyisizini ka-2022/2023 ngesikhathi leli qembu laseGqeberha lishaya igoli ekugcineni, lanqoba ngo 1-0 e-Orlando Stadium.

IChilli Boys iyiqale ngebatha imidlalo yeBetway Premiership nokufakazelwa ukuthi isanqobe umdlalo owodwa kuphela kwengu-12 yeligi esiyidlalile.

Leli qembu lisanqobe waba munye umdlalo eliwudlale nomakoti i-Orbit College lapho lidlule khona ngo 2-1.

Ngemuva kwalokho iChilli Boys ishaywe imidlalo emithathu yase idlala ngokulingana kweminye.

Ikhefu lemidlalo yeFifa mhlawumbe linike uVilakazi nethimba lakhe ithuba elingcono lokulungisa izinto ngaphambi komdlalo weBucs.

Nokho kuzoba umqansa kakhulu e-Orlando Stadium lapho iPirates ingashayeki khona kalula.

EZimnyama zisashaywe yiSekhukhune United kuphela e-Orlando Stadium kule sizini, nokuyilapho zagcina khona ukudedela igoli kule nkundla.

Eminye imidlalo emine edlalwe yiPirates e-Orlando Stadium iyinqobe yonke yase ihlohla amagoli amahlanu ihlanganisiwe.

UGoodman Mosele, obelokhu ehla enyuka ebolekiswa yiPirates kwiChippa kula masizini edlule, mhlawumbe uyena ongachazela abanye abadlali beChilli Boys ukuthi bangayivimba kanjani iBucs eSigodini sikaMaminzela.

Namanje lo mdlali wasesiswini usabolekiswe yiPirateskwiChippa kuze kuphele isizini.