EzakamuvaIbhola

UMokwena akafuni nokuyizwa eyafuna uMudau

Akunasiqiniseko sokuthi iBurnley egijima ku-English Premier League imgaqele ngempela yini umdlali wasemuva weMamelodi Sundowns, uKhuliso Mudau. 

Kodwa umqeqeshi wakhe uRulani Mokwena unomlayezo ocacile ngaye – akayi ndawo.

Kunezinkulumo ezithi uMudau, ongumdlali osebenza ngokuzikhandla kwiSundowns nakwiBafana Bafana, usephenduke inyama. 

ISundowns seyivele idedele ithalente elithembisayo, uCassius Mailula, osegijima kwiToronto FC kwi-US Major League Soccer ekuqaleni kwesizini. 

Maningi ke amathuba okuthi ibone omunye umdlali eshiya kuleli qembu eligcwele izihlabani.

Akungabazeki ukuthi uMudau engaligxumela ithuba uma kugcina ngokuthi lamahlebezi ngaye ayiqiniso. 

Kodwa-ke uMokwena unesixwayiso kwiBurnley, nanoma yisiphi ke esinye isesheli esizibona sinethuba kuMudau – akadayisi. 

“Umbuzo onzima kakhulu lo ongibuza wona ngoba umqeqeshi weSundowns uthi uSailor (Mudau) akayi ndawo,” kusho uMokwena.

“Ngoba ngizicabangela mina ngedwa. Sidinga ukugcina abadlali bethu abangcono futhi asilona iqembu elidayisayo –  lokho kucace bha. 

“Kodwa uma ungumuntu uyaqonda ukuthi impilo imayelana nokukhula futhi kukhona lowo nalowo akuhlosile ngempilo yakhe.

“Yize kwakunzima ukudedela uCassius, kodwa uma kuvela ithuba elenelisa zonke izinhlangotho okubalwa kuzo neSundowns, mhlawumbe singacabanga ngenye indlela.

“Okwamanje ngeke ngizixake ngalokho ngoba kusengamahlebezi nje, akukho okuphathekayo esinakho.

“Kodwa yena ungumdlali omuhle kakhulu futhi ungumfana onobuntu kanti ubaluleke kakhulu eqenjini lethu. 

“Kunzima ukukhuluma ngalezi zinto ngoba akukho okuqinisekisiwe kodwa uma ngiziphendula njengomqeqeshi weSundowns nje kuphela, ngithi abamyeke phansi. 

“Kufana nokuthi usuke manje uye kwiManchester City uthi ufuna iikudayisele uKyle Walker, kungaba nzima kakhulu.”