EzakamuvaEzokusubatha

Ukugijima sekumvulele amathuba e-US umfanyana wasemakhaya

ALFRED NGUBANE

US’bonelo Khumalo unyelwe yinyoni esandleni ethola umfundaze waphesheya kwezilwandle njengoba esezoyozinza e-United States. 

UKhumalo, ongowaseMtshezi, eHlathikhulu, uqale ukugqama kwezokusubatha esafunda amabanga aphansi. 

Kuthe uma ngabe esefunda eHlathikhulu High School, waqala wamela isifundazwe, iKwaZulu Natal kwiNational Cross Country. 

Kulapho ke afike wagila izimanga umfo kaKhumalo eyinqoba kalula, waba ngumphetha wayo.

Ngemuva kwalapho, akabanga esabheka emuva. Ujoyine iqembu labasubathi elisungulwe ngo- 2020 iXcel Running Club. 

Wafika kwiXcel Running Club iqala ukuhlabana njengoba ibibophele abasubathi abaningi abasebancane abafana noNdumiso Sokhela no-Ayanda Ngcobo. 

IXcel Running Club ibambe elikhulu iqhaza lokuthi athole umfundaze. 

Useke wagijima imijaho ehlukene okukhona kuyo iHarry Gwala Marathon, Durban  International, Prince Mangosuthu Marathon, Best of the Best Marathon, neCapital City Marathon. 

Ekhuluma neMpempe, uKhumalo, osevele ukwelika-Obama, uqinisekise ukuthi uyafunda aphinde agijime khona. 

Khonamanjalo, iXcel Running Club igubha iminyaka emthathu yasungulwa. Isibambe iqhaza emijahweni engu-78. 

Leli qembu selisabalele naseGauteng njengoba linabasubathi abangu-300 manje kanti liphinde lasabalala nasemazweni angomkhelwene iZimbabwe, Botswana, Eswatini, naseLesotho. 

FUNDA NALA: Ubuye kwezwakala uLorch kwiBucs, ‘ubekukhumbule’ ukudlala

Kubasubathi balo abahamba phambili kukhona uJanet Mbele onamagolide amabili kuma-ASA Marathon neComrades Marathon.