URiveiro ubhoboka ngesifiso seligi kwiPirates
Ukudlala kahle kwe-Orlando Pirates futhi iqoqe izicoco emidlalweni yezindebe kodwa bese yehluleka kweseligi yinto engehli kahle kumqeqeshi uJose Riveiro.
IPirates iqhubekile nefomu yayo enhle ezindebeni ibhulisa iCape Town Spurs amazolo kwiCarling Knockout Cup ngoLwesihlanu kusihlwa.
Iwunqobe ngo 2-0 umdlalo obuse-Orlando Stadium okubonakale kuwo abanye babadlali bayo okokuqala kule sizini.
Njengoba seyidlulele phambili nakulo mqhudelwano omusha, isanda kuqukula indebe yeMTN8 la ishaye khona iMamelodi Sundowns kowamanqamu.
Ngesizini edlule ezikaRiveiro zihambe neMTN8 neNedbank Cup. Kodwa lokho akulivali igebe lokuthi iminyaka isingaphezu kweshumi manje yasigcina isicoco seligi.
IPirates yagcina ngesizini ka-2011/12 ukunqoba iligi. Lokhu yihlazo alaziyo uRiveiro futhi aveze ukuthi unaso isifiso sokulivala.
Ekhuluma ngemuva komdlalo wezakhe neSpurs, uRiveiro uthe ufisa baqhube ngegiya elifanayo nasemidlalweni yeligi.
“Kuyiqiniso. Sesiside impela isikhathi sagcina ukunqoba iligi,” usho kanje lo mqeqeshi odabuka eSpain.
“Iligi yiwona mqhudelwano obaluleke kunayo yonke, lokho akubuzwa. Udlala imidlalo engu-30, ubhekane nawo wonke amaqembu ekhaya nasekuhambeni.
“Udlala ngaphansi wezimo ezehlukene – kuyenzeka line, kushise… Yingakho ke kuwumqhudelwano obaluleke kakhulu.
“Impela siyafuna ukubamba umgqigqo nakuwo. Kunesimo esingesihle ke nokho. Ezinsukwini ezingu-65 noma 66 sisadlale imidlalo emibili kuphela yeligi.
“Namuhla besidlala umdlalo wesine wendebe ezinyangeni ezimbili nesigamu. Sizama ukubamba umgqigqo owodwa kuyo yonke imiqhudelwano.”
URiveiro uveze ubunzima bokudlala emiqhudelwaneni ehlukene kulandelana, uthi kuyagqilaza emqondweni.
Njengoba seyiwufezile umsebenzi ebibekelwe wona kwiCarling Knockout Cup, iPirates seyizobeka imiqondo koweligi.
Izodlala naMaZulu FC ngoLwesibili oluzayo khona ekhaya layo i-Orlando Stadium. URiviero uzobe ebhekana okokuqala nomkhaya wakhe waseSpain uPablo Franco ocija Usuthu.
“Kuyasinda emqondweni ukudlala imiqhudelwano eminingi esikhathini esincane. Kodwa ke ngethembe uma ngithi inhloso yethu ngesicoco seligi iyafana neyezinye izindebe.
“Njengamanje sesibheke AmaZulu esizobhekana nawo ngoLwesibili. Futhi mina ngokubona kwami, engicabanga ukuthi nabanye abaqeqeshi bazongivumela, iligi iyona ebaluleke kakhulu.
“Ngalokho angisho ukuthi eminye imiqhudelwano ayibalulekile. Ngicabanga ukuthi yonke imiqhudelwano inesidingo sayo.
FUNDA NALA: Ukugijima sekumvulele amathuba e-US umfanyana wasemakhaya
“Iveza ithuuba lokuphucula nokwenza ngcono umlando weqembu,” kuchaza uRiveiro.