Kubatshazwa ikhono kumfanyana ona-15 weChiefs
SIHLE NGUBO
Libukeka liqhakazile ikusasa lomdlali osemncane weKaizer Chiefs, uNeo Bohloko, ogijima kwiDStv Diski Challenge (DDC).
Lo mdlali, oneminyaka engu-15, ukhale wemuka nemiklomelo emibili ngesikhathi iqembu linomcimbi wokuklomelisa abenze kahle eqenjini leDDC.
UVeli Khumalo, ongumqeqeshi weqembu leDDC kwiKaizer Chiefs, umncome kakhulu lo mdlali wathi nakanjani bazohlale begaya abadlali abahle eqenjini labo.
“Ngiyajabula ukuthi sinabadlali ababili (uDonay Jansen noMfundo Vilakazi) abakhushelelwe eqenjini elikhulu kule sizini,” kusho uKhumalo kwi-website yeqembu.
“Lokhu kuchaza ukuthi sekukhuphuke abadlali abayisithupha eminyakeni emithathu, okuchaza ukuthi kukhona esikwenza kahle kwinkulisa yethu.”
Abanye abanye abadlali beChiefs abasuka eqenjini leDDC, uMduduzi Shabala, uSamkelo Zwane, uRadebe no-Aiden McCarthy.
UBahloko uthole umklomelo iPlayer of the Year, waphinde wakhala wemuka nowamagoli amaningi eqenjini njengoba kuphele isizini enangu-13.
“Bengikulindele lokho. Useqophe amarekhodi eneminyaka engu-15 kuphela, okuyinto enkulu,” kusho uKhumalo.
“Ngiyamjabulela kakhulu futhi ngicabanga ukuthi kube ukukhetha okuhle ukuthi abantu bavotele yena. Ngelinye ilanga siyobona izinto ezinkulu ziqhamuka kuyena.”
Iqembu elidlala kwiDCC alenzanga kahle njengoba liqede isizini lisendaweni yesihlanu kwilogi. Nokho uKhumalo unethemba lokuthi lizokwenza kahle lizame ukunqoba isicoco ngesizini ezayo.
FUNDA NALA: URulani Mokwena uphawula ngokuboshwa yiTS Galaxy
“Ngiyibheke ngabomvu isizini ezayo engikholwa ukuthi izoba yimpumelelo,” kusho lo mqeqeshi.