UMashamaite uhlonza okugqozisa imiphumela kwiChiefs
ALFRED NGUBANE
UTefo Mashamaite, owayengukaputeni weKaizer Chiefs, uthi abadlali abakuleli qembu njengamanje bashodelwa ukuzithemba bona uqobo.
Ukhuluma kanjena nje uMashamaite izinto azivumi qobo ukuhlangana kwiChiefs njengoba kuthi sekungathi kuyalunga, kubuye kugwegwe futhi.
Kumanje umqeqeshi wayo uMolefi Ntseki useke wabhekana nolaka lwabalandeli kwaze kwakabili bemjukujela, bethi akahambe manje.
“Kuzomele basebenze kanzima ukuze bathole imiphumela ezobenza babuyelwe ukuzethemba,” kusho uMashamaite.
“Kumele baqale manje bagxilise imiqondo yabo ekusebenzeleni imphumela emihle.
Uma behlulwa, nokuzethemba kuyalahleka kodwa uma benganqoba imidlalo kulandelana bangakuthola ukuzethemba,” kuchaza yena.
UMashamaite, ongomunye wamanxusa eMTN8, uthi njengoba iChiefs seyihlulekile kule ndebe, kumele ithole eyodwa kwezisele.
Ngemuva kweMTN8, kuzolandela iCarling Black Label Knockout bese kuvalwa ngeNedbank Cup ngasekupheleni kwesizini.
Uphawule nangokushiywa kwabadlali beChiefs ngaphandle kwiBafana Bafana okuyinto engajwayelekile neqalayo ukwenzeka emlandweni weqembu.
KwiBafana ezodlala ne-Eswatini ne-Ivory Coast ngeviki elizayo, kukhona uSibongiseni Mthethwa kuphela kwabeChiefs.
“Kumele bakuqonde ukungabizwa kwabo eqenjini lesizwe ukuthi akukuhle neze.
“Kusho ukuthi abakulungele ukudlala kwiBafana kanti kusamele banyuse amasokisi ngoba kuyihlazo elikhulu ukuthi abadlali beKaizer Chiefs basale ngaphandle.
“Lokhu kusho ukuthi kumele bona uqobo bazinuke amakhwapha,” kuchaza lo mdlali owayengomunye wabavelele ngezikhathi zakhe kwiChiefs.
Leli qembu eliholwa nguMolefe Ntsiki selilahle imidlalo ilandelana njengoba lisanda kuhlulwa iCape Town City kuleli viki.
IChiefs isendaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu angu-11 kanti iSundowns eqhwakele yona inamaphuzu angu-24.
FUNDA NALA: MTN8: UKhuzwayo ukhuza abayela ukumosha ezinkundleni
UNtseki uzoba nesikhashana ke nokho sokulungisa izinto nengoba iChiefs iyoze iibuyele enkundleni ngo-Okthoba 29 iyobhekana neGolden Arrows ekuhambeni.