BUKA: Ngabe uMaart akamuzwa kahle uNtseki?
Umdlali weKaizer Chiefs, uYusuf Maart ungundabuzekwayo ezinkundleni zokuxhumana yize leli qembu libhuliswe amazolo AmaZulu FC kwiCarling Knockout Cup.
IChiefs ihlulwe ngo 1-0 emdlalweni obuseFNB Stadium, eGoli, ophele kungasekuhle abalandeli besho ukumbamba ngezandla umqeqeshi uMolefi Ntseki.
Okwenza uMaart abe ngundabamlonyeni yisenzo asenze kulo mdlalo, ekhombisa ukungamhloniphi nhlobo nje lo mqeqeshi.
Kubonakale uNtseki ezama ukweluleka uMaart obeqeda ukulahla ibhola, ethi uyaligola kodwa washaya into ephuphile eyophumela ngaphandle.
UMaart ubonakale emisa umunwe enza uphawu oluchaza ukuthi akame kancane, angamtsheli lutho yena.
Isiqeshana sevidiyo esikhombisa lesi sigameko sesigcwele ezinkundleni zokuxhumana kanti imbono iyahlukana ngaso.
Ábanye bathi iqembu kumele limhlawulise kanzima lo mdlali ngokukhombisa kwakhe ukungahloniphi abaqeqeshi.
Kukhona nabayikhomba kuye uNtseki inkinga, bathi kuyacaca ukuthi uyamehlula umsebenzi owekwenze nabadlali bengakholelwa kuye.
FUNDA NALA: Ayikho into esalindwe uMolefi Ntseki, kusho inkakha yeChiefs
Kuyinto eyaziwayo ukuthi abadlali banakho ukuqhathanisa abaqeqeshi ngokwamazinga, bese begcina kukhona abangamuza kahle.
Buka nansi ividiyo ngezansi: